Judith Ndlela
USAKHUZA umhlola umphakathi nomndeni wowesilisa oneminyaka engu-40 okuthiwa ubhokode ngommese ugogo wakhe wabe esedla izicubu zakhe KwaDambuza, eMgungundlovu.

Amalungu omndeni kaNkk Judith Ndlela (90), athi ayoyixoxela amagwababa echobana into ewehlele izolo ekuseni.

UNksz Thandeka Ndlela elandisa Isolezwengokwenzekile uthe, ubelele nogogo wakhe ngesikhathi umsolwa engqongqoza ngendluzula efuna bavule ngenkani ekamelweni abalala kulo.

“Uqale ngo-2 ezintatha engqongqoza, eshaya nesicabha. Ugogo uthe akavulelwe, ubephethe imimese nobhushu. Ulande impepho ekamelweni lakhe wabe eseyishisa eduze kwalapho bekulele khona ugogo. Ubelokhu ekhuluma into engazwakali. Uphuciwe imimese nezikhali, kwaba sengathi wehlisa umoya. Kuthe ngabo-7 ekuseni ugogo elele endlini yokuphumula ngisamenzela ukudla, wavele waqhamuka ekamelweni lakhe wabhokoda ugogo ngommese esifubeni. Ugogo ubelokhu ekhala ethi, ‘kulungile ngane yami uma ngibulawa uwena’, yilapho ngiphume khona endlini ngiyocela usizo komakhelwane,” kusho uNksz Ndlela.

Uthe ubuye nomakhelwane umsolwa elokhu esika izicubu zikamufi ezidla, ebeke nosawoti eceleni kwakhe.

“Ubedla izicubu zakhe, kukhona nosawoti esisola ukuthi ubegcobhoza kuwo. Bese sithukile sikhala, simangazwa yinto abeyenza kugogo,” kusho uNksz Ndlela.

Uthe omakhelwane bafikile bazama ukumnqanda kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya njengoba ubesenolaka.

Omunye umakhelwane okhulume neSolezwe wacela ukuthi igama lakhe ligodlwe ngenxa yobucayi bodaba uthe namanje kusenzima nokudla ukudla ngenxa yento ayibonile.

“Besilokhu sizwa kunomsindo sazitshela ukuthi into ezophela. Sizwe abakhona sebememeza saya sithi siyolekelela. Sifice ummese usesifubeni kugogo, umsolwa ehlezi kusofa eduze kwesidumbu elokhu esika izicubu, ezidla ziluhlaza zinjalo. Namanje angikholwa into engiyibone ngamehlo ami,” kusho umakhelwane ebabaza.

Kuthiwa umsolwa ubesebeke namanzi esitofini nokusolwa ukuthi ubefuna ukupheka ngawo isidumbu sikagogo wakhe.

Indodakazi kamufi uNksz Busi Ndlela ithe bona bewumndeni bashaqekile ngoba umufi ubengamathe nolimu nomsolwa.

AMALUNGU omphakathi awakholwanga ethola ngodaba lowesilisa oneminyaka engu-40 okuthiwa ubhokode ngommese ugogo wakhe wabe esedla izicubu zakhe KwaDambuza, eMgungundlovu.

“Besingalindele ukuthi umsolwa angenza lokhu, akayena umuntu ohluphayo kodwa uma eke waphuza ugologo bekungathi uphambanelwa ikhanda. Umama (umufi) uyena umuntu obekwazi ukumgoba nomuntu abebezwana naye kakhulu njengoba ubemenzela yonke into. Noma sithetha sithi akayofesa njengoba ezihlalela ekhaya engasebenzi, umama ubemvikela. Bebezwana kakhulu bengahlukani nokusixakayo ukuthi kwenzeke kanjani lokhu,” kusho yena. Uthe noma embuza umsolwa ukuthi kungani ebulale umufi, kuthiwa akazange aphendule ubelokhu evula amehlo kakhulu, sengathi umqondo uhambile.

NgoJanuwari 5 nonyaka lo mndeni bewenzele umufi umcimbi wokugubha iminyaka engu-90 azalwa. Kuthiwa umsolwa wayekhona kodwa wangagubha nabo.

Abomndeni bathe abazi noma lo mcimbi akazange awujabulele yini umsolwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe, kuvulwe icala lokubulala ngemuva kokugwazwa kowesifazane oneminyaka engu-90 amanxeba amaningi.

“Owesilisa oneminyaka engu-40 ushaywe umphakathi wabe eseboshwa amaphoyisa. Uyiswe esibhedlela lapho egadwe khona amaphoyisa,” kusho uCol Mbele.

Umndeni uthe umsolwa ufuna ajeziswe inkantolo ngesenzo sakhe.