UQASHWE ngamaphoyisa esibhedlela umzukulu okuthiwa ulimale ngesikhathi ezama ukubalekela abantu abebemjaha bemsola ngokubulala uninakhulu okuthiwa umshaye nge-ayina eliwumbhadeko ekhanda, eMariannhill ngoMsombuluko.
UNksz Nora Sokhulu (87) kuthiwa utholwe yizihlobo namalungu omphakathi elele 'echibini' legazi emzini wakhe ose-Aukland khona eMariannhill. Kukholakala ukuthi ushaywe wumzukulu wakhe (27) okuthiwa ubuye aphazamiseke ngokomqondo.
Umalokazana wendodana kamufi, uNkk Elizabeth Mkhize, uthe umzukulu akusiye owegazi likaNksz Sokhulu kodwa wayezalwe yintombazane ayeyidabukelile wayicosha wahlala nayo isencane eyashona.
“Yena (umzukulu) ubengumuntu obenezimpawu zokungaphili kahle ngokomqonndo kodwa ubehlale ededelwa esibhedlela kuthiwe akanalutho. Nangesikhathi elimaza ugogo nge-ayina asazi ukuthi ubedinwe yini ngoba bahlala naye kodwa ubewuhlupho,” kusho uNkk Mkhize.
Uthe umzukulu uficwe ezivalele endlini ngesinye isihlobo ebesithi silethe impendulo kumufi obesithume okuthile, umufi elele echibini legazi ebalisa.
Kuthiwa uqonde kuso isihlobo ezama ukusilimaza kodwa saphunyuka sahlaba umkhosi. Abantu basendaweni bamthelekele baze bambamba bamnikela emaphoyiseni.”
UNkk Mkhize ukhononde ngokungafiki kwabezimo eziphuthumayo abebekade beshayelwe ucingo. Umufi uhlale amahora evile kwamathathu opha kanzima kodwa engalutholi usizo nabo bezama okusemandleni wagcina ngokushona.
“Amaphoyisa afike sekwedlule amahora amabili siwashayele ucingo. Siwabikele ngesimo sikagogo sacela ukuthi asilekelele ukuze aphuthunyise esibhedlela kodwa enqaba aveza ukuthi wona akuzele ngukuzobopha, umgilwa usizo uzoluthola kwi-ambulensi egcine ingafikanga,” kusho uNkk Mkhize.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eMariannhill.
“Umgilwa ulimale ekhanda. Ushonele endaweni yobugebengu. Umsolwa ungeniswe esibhedlela, kusolwa ukuthi ushaywe wumphakathi. Uqashwe ngamaphoyisa esibhedlela,” kusho uCaptain Gwala.