SISHAQISE umphakathi isigameko sokubulawa ngesihluku kowesifazane neshende lakhe eHlane Location, eCreighton, ngoLwesibili.
Abafi, okuthiwa bafundisa esikoleni esisodwa esisendaweni, babhadanywe ngumyeni walona wesifazane emva kokulunywa indlebe ngumuntu othile wasendaweni.
Ngokusho komthombo, umyeni okuthiwa usebenza eThekwini uthathe isinqumo sokuthi atheleke emzini wabo phakathi kwamabili ukuze abone kahle ukuthi lokhu abetshelwa khona kuyiqiniso yini.
“Kuthiwa ungene waqonda ekamelweni labo wangabuza lutho, wavulela ngenhlamvu,” kusho umthombo.
Uthe unkosikazi kamsolwa neshende lakhe bafele endaweni yesigameko.
Kuthiwa uthe uma eqeda ukubadubula, wazidubula naye kodwa wangafa.
“Uphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho ethola khona usizo lwezempilo ngaphansi kweso lamaphoyisa,” kusho umthombo.
Echaza kafushane ngabafi, uthe unkosikazi ubenguthisha esikoleni sendawo kanti ishende lakhe belingumsizi wothisha esikoleni esifanayo.
Uphinde waveza nokuthi ishende lingumakhelwane, liphinde libe wumshana kamsolwa.
Imizamo yeSolezwe yokuthola ukuphawula komndeni ayiphumelelanga.
Ilungu lomndeni eliphinde libe yikhansela lendawo, uMnuz Mthobisi Dlamini, lisiqinisekisile isigameko kodwa lathi aliziboni lifanele ukuphawula.
Uthembise ukuthi uzotholela Isolezwe inamba yelinye ilungu lomndeni elizokwazi ukuphawula kodwa kuthe uma sekubuyelwa kuye kaningi ngocingo nangoWhatsapp, ubengasaphenduli.
Isolezwe liphinde lathola inamba kadadewabo kankosikazi, yona ibivaliwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile isigameko, wathi ezintatha zangoLwesibili amaphoyisa aseCreighton abizelwe endaweni yesigameko eseHlane Location.
“Kusolwa ukuthi indoda idubule owesifazane oneminyaka engu-38 nowesilisa oneminyaka engu-31 ngaphambi kokuba izidubule yona. Abagilwa bafele endaweni yesigameko kwathi umsolwa waphuthunyiswa esibhedlela,” kusho uCst Ngcobo.
Uthe amaphoyisa aseCreighton aphenya icala lokubulala.