KUHLELWE ukuthi zibe ngemuva kokhetho izingqungquthela ze-ANC ezifundeni ezimbili iLower South Coast neMoses Mabhida ebezingakabi khona okungezokukhetha ubuholi.
Lokhu kuvezwe nguMnuz Mdumiseni Ntuli, uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, othe lo myalelo owesigungu esiphezulu senhlangano ebesihlangene muva nje.
UNtuli uthe kulezi zifunda kukhethwe ubuholi besikhashana njengoba kuyiwa okhethweni ngoba akumele buhlale bungekho ubuholi ezingeni lesifunda.
EMoses Mabhida kuqokwe uThulani Xulu, ongumdidiyeli wesifunda, umxhumanisi kwaba nguMnuz Mandla Zondi kwathi owayenguNobhala wesifunda uMnuz Mzi Zuma waba yiphini likamdidiyeli.
ELower South Coast kuqokwe uNksz Siphumlile Mthiyane njengomdidiyeli, uMnuz Xolani Luthuli waba wumxhumanisi kwathi uMnuz Siyabonga “Kotini” Nene waba yiphini likamxhumanisi.
Obengunobhala walesi sifunda, uMnuz Mzwandile Mkhwanazi, uqokelwe ukuba yilungu lesigungu esiphezulu sesifundazwe kubalwa noNkk Maggie Govender kanjalo noMnuz Bheki Sibiya.
UNtuli uthe isifunda iGeneral Gizenga Mpanza, ebesaziwa ngeKwaDukuza, iphini likanobhala yilona elingene kwesikanobhala ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala kobengunobhala uMusa Zondi.
Okhulumela i-ANC, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe nakulesi sifunda ngeke kube nengqungquthela yokukhetha ubuholi kuze kudlule ukhetho lwangonyaka ozayo.
UNtuli uthe esifundeni iHarry Gwala bayahlangana nezinhlaka ezingayanga engqungqutheleni njengoba kukhona abafake icala enkantolo.
“Siyaxoxa kulesi sifunda, ngo-Okthoba 19 kunecala elizongena njengoba kukhona abangeneme ngabantu abakhethwa.”
UNtuli uphawule nangokuvakashela kukaMengameli we-ANC nezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, emphakathini waKwaMkhwanazi eMpangeni esifundeni iMusa Dladla lapho ezobuyisela khona umhlaba ongu-4000 wama-hectare kulo mphakathi.
Uthe uRamaphosa ungumuntu oyenzayo into asuke eyithembisile njengoba esebuyela kulo mphakathi ayewuvakashele ekuqaleni konyaka wawuthembisa ukuthi uzobuya.
Le nhlangano ithe iyakweseka ukuqokwa kukaMnuz Tito Mboweni njengoNgqongqoshe omusha wezeziMali.
Income umsebenzi omuhle owenziwe ngobenguNgqongqoshe walo mnyango, uMnuz Nhlanhla Nene, osule kulesi sikhundla kulandela ukugxekwa kwakhe njengoba esolwa ngokuqamba amanga mayelana nokuhlangana nomndeni wakwaGupta.
Mayelana nokhetho lwemikhandlu lwezitshudeni uNtuli ubongele abadle umhlanganiso wanxusa abawinile wathi mabasebenzele izitshudeni.
Mayelana nombiko weKhomishini ebibheka ukubulawa kosopolitiki, uNtuli uthe kuzoba nemihlangano ezifundeni lapho amalungu ezochazelwa khona ngeziphakamiso zombiko.