USIHLALO wekomiti lezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu ePhalamende, uNksz Faith Muthambi, akaneme ngokumoshwa kukaR2.9 billion nguMasipala weTheku ngonyaka wezimali u-2018/19.
UNksz Muthambi uthe yize kumoshwe imali kodwa izikhulu zeTheku zidonsa izinyawo ekujeziseni abasolekayo.
Uthe kunamacala awu-436 okuqondisa ubugwegwe kubasebenzi baseThekwini abathinteka ekumoshweni kwemali kodwa akucaci ukuthi azophothulwa nini.
“Sifuna umbiko ophelele ngodaba lwethenda yakwaDurban Solid Waste. Sifuna nokwazi ukuthi kwenzekani ngamacala abekwe iMenenja kaMasipala. Kasihambisani nokubhubhudlwa kwemali. Sifuna uma kudliwe imali kuphenywe ngokushesha bese kuziwa nohlelo lokujezisa abathintekayo. Konke lokhu kufanele kwenzeke ngokushesha ukuze abantu babuyelwe yithemba.”
Uthe uphenyo lwabo luveza ukuthi * -56% wamakomiti amawadi awasebenzi okusho ukuthi imiphakathi ayithintwa kahle.
“Umbuzo esizibuza wona ngowokuthi izinhlelo zentuthuko ziqhubeka kanjani uma amakomiti amawadi engasebenzi. Kuxhunyanwa kanjani nomphakathi?” kubuza uNksz Muthambi.
Ukhalile nangokuphela kwamanzi njalo ezindaweni zaseThekwini nangezitamkoko ezigcwele ebuza nokuthi kungani umasipala ungakulungisi ngoba unabasebenzi nosonkontileka okuthiwa banamakhono afanele.
“Sifuna nombiko ogcwele ngokuthi kungani kunabaholi abanonogada abaningi eThekwini okukhona kubo namakhansela. Sifuna umbiko ozokhombisa ukuthi amaphoyisa alwenzile uphenyo athola ukuthi abaholi kufanele babe nonogada abaningi.”
Yize enezikhalo ngoMasipala weTheku kodwa uwushayele izandla ngokucela usizo eMnyangweni wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu ukuthi ulekele ekulandeni uR1 billion okweletwa yiminyango kahulumeni.
UNksz Muthambi uthe uhlela umhlangano wokubonana nobuholi beTheku.