OSESITHOMBENI: uSqalo Phumelela Ntlooa oduke ngeSonto oneminyaka engu-7.
Image: Reaction Unit South Africa
UMUNYU emndenini kaSqalo Phumelela Ntlooa (7) kutholakala isidumbu sakhe ngemuva kokubikwa njengolahlekile ngeSonto emini eNsimbini, Cator Manor.
USqala walahleka ehamba nabangani bakhe beyozingela kwacaca sebebuya abangani ukuthi yena udukile.
Umbiko okhishwe abeReaction Unit South Africa uveza ukuthi abangani bebekhuluma izinto ezingafani ngesikhathi bephekwa ngemibuzo ngokwenzekile.
"Babodwa abathi akabuyanga nabo ekuzingeleni ehlathini abanye baveza ukuthi ubuyile nabo kepha wadlulela esitolo esiseduze eyodlala imishini”, kusho uPrem Balram okhulumela iRUSA.
Abasebenzi basesitolo baphoswe ngemibuzo ekulandeleni isitatimende sabangani bakaNtlooa kepha akukho okutholekele okuphathekayo.
Omunye wabangani uphinde waveza ukuthi; “uNtlooa ungene emotweni angayazi ngemva kokubuya ekuzingeleni”, kepha lokhu akuqinisekwanga.
NgoMsombuluko, abeRUSA baqhubekile nemizamo yokuthungatha lo mfana kusetshenziswa indiza enophephela emhlani. umsebenzi wokuthungatha lo mfana nokuyilapho okugcine kutholakala isidumbu sakhe emfuleni iCator Manor.
Imbangela yokufa kwakhe ayicacanga kahle, kodwa icala liphenywa amaphoyisa.
Abe RUSA emva kokuthola umzimba waSqalo oduke ngeSonto.
Image: Reaction Unit South Africa
Kusolakala ukuba uNtlooa uhlulekile ukubhukuda kule pool, wase eminza.
Isolezwe