UNINA wengane (13) ephila nokukhubazeka yasemijondolo eJika Joe, eMgungundlovu, etholakale ishonile kwaboshwa umakhelwane ngokufa kwayo usavukwa yiminjunju uma ekhuluma ngokutholakala kwendodakazi yakhe.
Izolo uNksz Phumeza Dlamini ongunina kaSinegugu otholakale emfuleni eduze kwakubo uthe kusenzima kuthi akhulume ngokumehlele.
“Kunzima kimina ukuthi ngilokhu ngikhuluma ngokwenzekile ngoba njalo uma ngikhuluma ngakho kubuya bonke ubuhlungu,” kusho uNksz Dlamini.
Lokhu kulandela ukutholakala kwesidumbu sendodakazi yakhe ebikhubazekile silahlwe nodoti eduze komfula oseduze komjondolo abahlala kuwona ngoLwesibili.
Kuthiwa indodakazi yakhe beyidlala eduze kwakubo ngesikhathi kuvela ukuthi seyinyamalele ngeSonto ntambama.
Ekhuluma no-eNCA uNksz Dlamini uthe ubeqeda ukugeza eyochitha amanzi abegeza ngawo ngesikhathi ethola isidumbu sendodakazi yakhe.
“Ngesikhathi ngisendleleni bengilokhu ngiqalaza. Ngibheke naseduze kwasethoyilethi. Ngesikhathi ngiphosa amehlo lapho ebengizochitha khona amanzi ngibone uSne. Ngihayizile kwakhona ongizwayo watshela nomakhelwane,” kusho uNksz Dlamini.
NgoLwesibili amaphoyisa abophe umlisa oneminyaka elinganiselwa kwengu-20 ngecala lokubulala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa abophe owesilisa okulindeleke avele enkantolo maduze.
Uthe amaphoyisa avule idokodo lomuntu olahlekile emuva kokuthi kulahleke intombazanyana ngeSonto.
UCol Mbhele uthe amaphoyisa asebenza nezinja ayibhekile kusuka inyamalele ngeSonto kodwa angayithola.
Uthe ngoLwesibili ekuseni isidumbu sayo sitholakele eduze komfula khona emijondolo yaseJika Joe.
Ngokusho kwakhe amalungu omphakathi athungathe owesilisa obesolwa okuyilapho kushone elinye ilungu lomphakathi elishawe wugesi.