SIMPHIWE NGUBANE
KUSHABALALE amaphupho empilo engcono emndenini wakwaMlambo, eBunganeni eMbazwana, ngesikhathi uthola izindaba zokuthi indodakazi yawo eneminyaka ewu-16, ibulewe.
NgoMgqibelo amaphoyisa athole isidumbu sesonakele sikaMandisa Mlambo, obephasele uGrade 9, eMpiyakhe High.
Sithunyelwe emakhazeni kahulumeni eManguzi, lapho umndeni usihlonze khona ngeSonto. Uhlonzwe nguyise ngezimpahla ayezigqokile, izimpawu ezisezingalweni nasezinyaweni ngoba ikhanda belingasenazo izicubu sekusele amathambo.
Umufi wagcina ukubonwa wumndeni wakhe ephila ngoDisemba 31, ehamba nabangani bakhe bejabulela ukuthi ebusuku bazobungaza ndawonye ukuhlukana konyaka.
UMnuz Vusumuzi Mlambo, onguyise kaMandisa, ulandise Isolezwe wathi indodakazi yakhe yahamba nonina nomakhelwane beyothenga ezitolo ngoDisemba 31.
Beselapho ezitolo, kuthiwa uMandisa wabona abangani bakhe wayesexebuka kunina, wahamba nabo.
“Akabuyanga ekhaya sihlukanisa unyaka kodwa sathuka uma ngoJanuwari 1 nabangani sebemphika. Samthungatha yonke indawo, sibuza nakubantu kodwa balandula, engatholakali. Amaphoyisa ahlabe umkhosi efuna olahlekelwe ingane eze kuwona, okuthe uma siyobheka, safica uMandisa esethule,” kuchaza uMlambo.
Uthe bayasola ukuthi waqale wabulawa, waseyolahlwa endaweni esobala futhi ehamba abantu esigodini Olakeni. Uthe ingane yayivalwe umlomo ngendwangu inentambo eyayiklinywe ngayo entanyeni. Udalule ukuthi balinde umbiko kadokotela wokuhlolwa kwesidumbu ozocacisa uma kukhona okuqale kwenziwa kuMandisa, ngaphambi kokuthi asocongwe.
Nakuba uMlambo ethe indodakazi yakhe ibisishomene nabangani, ingena estejini kodwa ibinenhliziyo enhle, izilungele futhi inamaphupho amahle okukhipha umndeni osizini.
“Ubesithembisa nonina wakhe ukuthi ngaphambi kokuthi akhe umuzi abe nemoto uzoqale enzele thina. Ubenamaphupho okusikhipha osizini, siphile impilo engcono uma esephothule ukufunda esesebenza,” kuchaza uMlambo, othe umufi uzongcwatshwa kusasa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe ngoJanuwari 8, amaphoyisa athole umbiko ngesidumbu sentombazane ebesesonakele, esitholakale Olakeni.
Uthe amaphoyisa asesiteshini saseMbazwane, avule idokodo ngokufa komuntu futhi ayaphenya ngakho
“Umbiko kadokotela wokuhlolwa kwesidumbu ozocacisa ngembangela yokushona kwentombazane,” kusho uLt Col Gwala.