UCHAZWE njengobezinikele emsebenzini wakhe futhi ebeka phambili izidingo zabanye abantu obengumxhumanisi ehhovisi likandunankulu, uMnuz Bongani Mthethwa, ongasekho.
Sikhulu isililo ngokudlula emhlabeni kukaMthethwa owayewuqweqwe lwentatheli obesengumxhumanisi ehhovisi likaNdunankulu Sihle Zikalala.
UMthethwa ushone ngeSonto ebusuku esibhedlela emva kokuhlinzwa. Ubesegule isikhashana okuze kwamhlabisa ikhefu emsebenzini wakhe.
Uqale ukusebenzela ihhovisi likandunankulu ngoJanuwari 2020.
Ngaphambi kwalokho ubesebenza ehhovisi le-ANC KwaZulu-Natal ophikweni le-Information and Publicity.
Ebhonga emswaneni uZikalala uthe kumthusile futhi kuyadabukisa ukuthi uMthethwa akasekho emhlabeni.
Ihhovisi likaZikalala lithe kubuhlungu futhi akuchazeki ukushona kukaMthethwa okulandela okwabanye abaholi namaqabane abedumile emkhakheni wezindaba nezokuxhumana kuhulumeni nakwi-ANC.
“Nangesikhathi sokubheduka kweCovid-19, esaletha ukwesaba nokukhathazeka, uNyambose ubelokhe ekhona enza umsebenzni obalulekile wehhovisi ngokuzimisela,” kusho uZikalala.
UMthethwa ubambe iqhaza elikhulu eseka uZikalala ongusihlalo womkhandlu wesifundazwe obhekelele iCorona. Ubeqinisekisa ukuthi abantu bahlinzekwa ngolwazi oluyilo ngokwenzekayo ngeCovid-19.
Abengena engenile amazwi enduduzo ezinkundleni zokuxhumana abantu bebhonga emswaneni ngokushona kukaMthethwa.
Iningi limchaze njengomuntu obenomoya ophansi, obezithobile, ekhuthele futhi ezinikele emsebenzini wakhe.