ZIBE nomthelela omubi futhi zenyuse isibalo sokufa kwabantu izibhelu zangoJulayi, ezenzeka eGauteng naKwaZulu-Natal.
Lokhu kudalulwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele, wathi senyuke kakhulu isibalo sokubulawa kwabantu kwikota yesibili yanonyaka.
UCele ubalule izibhelu njengembangela enkulu yokubulawa kwabantu, ubethula umbiko ngezibalo zezigameko zobugebengu zekota yesibili. Uveze nokuthi bangu-6 163 abantu ababulewe kusukela ngoJulayi kuya kuSepthemba.
“Lezi zibalo ziveza ukuthi iNingizimu Afrika, iyizwe elinobugebengu obukhulu. Ziveza nomonakalo omkhulu owenzeke ngesikhathi sezibhelu,’’ kusho uCele.
Udalule nokuthi kube namaphoyisa angu-23 abulewe phakathi kukaJulayi noSepthemba. Ayisithupha abulawe KwaZulu Natal. Kwathi amanye abulawa eGoli.
Ukuthunjwa kwabantu akusalanga kulezi zibalo njengoba uCele ethe angu-2 000 amacala okuthumba avuliwe ezweni lonke. Angu-52 enzeke eGoli. Uveze ukuthi ukubikwa kwezigameko zodlame lwasekhaya nakho kufinyelele ku-72 762. Amacala okudlwengula wona uthe afinyelele ku-9 556. Izigameko ezingu-3 941 zokudlwengulwa zenzeka endaweni yesisulu.
UCele uthe izibhelu zangoJulayi ziphinde zaba nomthelela omubi nakwezinye izinhlobo ezahlukene zobugebengu. Uveze ukuthi bangu-424 abantu ababulawe endaweni yokucima ukoma. Ukwebiwa kwezimoto uthe kunyuke ngo-3,5%.
Uveze ukuthi ngesikhathi sezibhelu amabhizinisi ayizinkulungwane acekeleka phansi kanjalo nengqalasizinda yalimala. Konke lokhu uthe kwenzeke ngenyanga eyodwa uJulayi.
Amacala athinta ucansi wona kuvele ukuthi anyuke aze afinyelela ku-11 964.