Izindaba

Umsolwa usale enkundleni kugetshengwa eMaoti

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kubhimbe uhlela lwezigebengu ezigqekeza imizi yabantu eMaoti

Image: RUSA

Kubikwa ukuthi kufe kufe umsolwa obehamba abanye begebenga abahlali basemakotishi ngasendlini yamanzi, eMaoti ngoLwesibili ntambama.

Kuthiwa amadoda amathathu abehlomile abangena imizi nemizi egebenga abantu impahla yabo, kodwa afike abhajwa emzini wokugcina.

Kubhimbe uhlela lwezigebengu ezigqekeza imizi yabantu eMaoti

Image: RUSA

Kuthiwa umnikazi ekhaya ulwe nomsolwa oyedwa bebanga izibhamu, ngeshwa badubuleka bobabili.Ngokusho kwabeReaction Unit South Africa (RUSA), umsolwa uzamile ukubaleka kodwa waqulekela esangweni.

"Siphuthume kule ndawo ngemuva kokuthola umbiko wokuduthsulwa kwabantu. Umgilwa ubelimele kabi, ulashelwe endaweni yesehlo sawe ephuthunyiswa esibhedlela. Umsolwa odubuleke ekhanda wafela khona esangweni," kusho abeRUSA.

Kuthiwa ngesikhathi eselele phansi ngasesangweni umuzi, abangani bakhe bathathe isibhamu sakhe, bacela empunzini.

 

[email protected]