KUSUKE umsindo ngenkathi isitshudeni sase-University of Cape Town sithola ukwesekwa wumphathi wale nyuvesi emva kokuthi kusabalale umbhalo waso othi “One settler, one bullet” ezinkundleni zokuxhumana.
Kuthiwa uSolwazi Mamokgethi Phakeng ubongele lesi sitshudeni emva kokuthi kusabalale lo mbhalo.
Lesi sitshudeni, uMasixole Mlandu sibhale kuTwitter waso ngocwaningo esilwenzile oluphathelene neziqu zaso zeHonours kwezepolitiki. Lolu cwaningo silubize ngokuthi:
“The Coloniser/Colonised Dialectic: ukubheka isimo somnotho eNingizimu Afrika nabacindezeli”.
Lesi sitshudeni sibonge unina, umeluleki waso, abangani nePan-Africanist Student Movement of Azania ngokulwela inkululeko yabamnyama.
Thank you mother. This paper would not be possible without your words of encouragement. We are moving on to MA now
— Masixole Mlandu (@masixolemlandu) November 6, 2018
Kuthiwa uPhakeng uthe uyasibongela lesi sitshudeni ngocwaningo esilwenzile, ngendlela yokuthi ufisa ukuthi alufunde uma ethola isikhathi.
NgokweDA Student Organisation, baye bamangala ukubona ukwesekwa kwalesi sitshudeni ngalolu hlobo. Bathi lesi senzo sibhebhezela ubuhlanga.
Okhulumela le nyuvesi, uMnuz Elijah Moholola, uthe bayaziqhelelanisa nolimi olufuze lolu.
UMlandu uthe akubhalile ukwenze ngenhloso ngoba ubefuna kube khona inkulumo-mpikiswano ngalolu daba emphakathini obonakala ufuna ukwazi ngalo.
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/UCT?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#UCThas abandoned you? pic.twitter.com/1PSwoSzO8x
— Googol (@G00G0L)