SEKUPHINDE kwaqubuka umsindo ebandleni lomfundisi waKwaNongoma, uKing Prophet Saziso Ndwandwe, iHealing Hour Emmanuel Prophetic Global Ministry ngemuva kokulobola ngosuku olulodwa izelamani zakwaMdluli eBhambayi eNanda.
Ngokusho komthombo ongaphakathi egatsheni laleli bandla elikhonzela enkabeni yedolobha laseThekwini, kunabazalwane abangayizwa indaba yakhe yokuqonywa yizelamani uNondu noTho.
Umthombo uthe uNdwandwe (36), obuye asakaze kwiNanda 84.0 FM ngamaSonto, waqala wathandana noNondu baze batholisana ingane.
“Bahlukana noNondu engakabelethi. Uthe esuka wayegxumela kudadewabo omncane (uTho) wamphuca ubuntombi bakhe. Uthe esethi uyomlobola, abakubo kwakhe bathi akasale esebathatha kanyekanye noNondu. Yingakho-ke ephoqeleka ukuthi abalobole kanyekanye ngoR8 000 (okusho ukuthi uR4 000 umuntu ngamunye),” kusho umthombo.
Uqhuba uthe okucasule abanye abazalwane futhi abaze bambizela emhlanganweni uNdwandwe ukuthi kunohide lwamantombazane obekwaziwa ukuthi ujola nawo futhi awathembise umshado.
“Umfundisi useyaganga ngempela ngoba kunentombazane esimbekezelele kakhulu uSne Mgobhozi, sonke ebesesazi ukuthi uzoyithatha. Kunenye futhi eneminyaka engu-18 esisanda kuzwa ukuthi uyigqekeze wayishiya. Kukhona nenye efunda eMangosuthu University of Technology kodwa edabuka KwaHlabisa nayo ayigqekezile,” kuphetha lo mthombo.
Enye yala mantombazane okuthiwa uyigqekezile, iziqinisekisile lezi zinkulumo kwiSolezwe ngoMgqibelo.
Kodwa icele ukungagagulwa ngoba yesabela ukuthi unina usayazi iyintombi.
“Umfundisi wakhuluma nomama ukuthi ufuna ukungenza enye yamakhosikazi akhe kodwa umama wanqaba.
“Ngelinye ilanga sagcina silalile naye umfundisi kodwa ngathi angifuni ukushada ngoba ngisafuna ukuqhuba izifundo zami,” kusho le ntokazi eno-18.
USne uvumile ukuthi uyathandana nomfundisi kodwa wenqaba ukuphawula ukuthi kumphathe kanjani ukulobola kwakhe izelamani.
Imizamo yokuthola izelamani noNdwandwe ayiphumelelanga futhi kwahluleka ngisho sebethunyelelwa nemiyalezo.
UNdwandwe uthe okwamanje ngeke akwazi ukuphawula kahle ngalolu daba ngoba kukhona okusamenze wamatasa, kodwa uzobuye akhulume naleli phephandaba. Phambilini watshela leli phephandaba ukuthi unoxhaxha lwezintombi enkonzweni ayiholayo. Wathi uyakholelwa kakhulu esithenjini, nasekuqonyweni futhi uyakholelwa kukhona. Wathi zonke izintombi namakhosikazi akhe, ubaboniswa wuNkulunkulu.
Ngo-2005 washadelwa nguVelile uMaDladla kwathi ngonyaka olandelayo walandelisa ngoThando uMaNgcobo ngaphambi kokubalamanisa ngezingoduso okungoNksz Ntombifuthi Mfekayi (24) waseMtubatuba, uNksz Sinothile Ntshangase (24) waseNewcastle noNonhle Ntuli (22) waKwaNongoma.
Wathi akagcinile kodwa usazokwengeza ngabanye ababili ukuze agcine enesithembu samakhosikazi ayisikhombisa, ngokomyalelo kaNkulunkulu.
Wathi yena wasindiswa ngo-2007 futhi unamandla alingana nawomsunguli webandla lakwaShembe, uMqaliwendlela.
UNdwandwe uqale ukuzakhela udumo ngokuzishaya isifuba ngokuthi welapha isandulela-ngculazi futhi atholele abantu imisebenzi ngamatshe.