ABAZALWANE bebandla labasindisiwe, i-Apostolic Faith Mission, balaxaze ukusonta egatsheni eliseMcebo, KwaNongoma, ngenxa yokucikwa ukubuyiswa komfundisi wesifazane osolwa ngokuqonywa ngokweqile.
Leli bandla lihlakazeke phakathi ngesikhathi kuqubuka izinsolo zokuthi umfundisi walo, uPastor Letty Mdletshe, ubhangqe amanye amantombazane akhonza kuleli bandla.
Esinye isaguga esithe sesibhuquza ekhaya nesicele ukuba lingadalulwa igama laso, sithe kwabaphatha kabi abanye abazalwane ukuthola ukuthi umfundisi usebangwa ngabanye esontweni.
“Thina sashaqeka ukuzwa ukuthi sekunabesifazane abangasezwani ngoba bebanga ukujola nomfundisi.
“Wamiswa yizikhulu zebandla, sasala singenaye umfundisi kodwa kwasicasula uma sesibona uMfundisi Mdletshe esebuyele ebufundisini,” kusho
lesi saguga ebesinesikhundla kuleli gatsha.
Omunye wesifazane othi ubeyisithandwa sikamfundisi kodwa ocele ligodlwe igama lakhe ngenxa yomsebenzi awenzayo nokuthi usebuyelene nesoka lakhe, uvumile ukuthi naye uyekile kuleli bandla ngenxa yobusoka bukamfundisi.
“Wangithola nginesoka nengane, wangithembisa izulu nomhlaba futhi saze sathembisana nomshado. Indaba yonakale esengijolela namanye amantombazane.
“Ngagula ngaze ngaba nokhwantalala, ngafisa nokuzibulala ngoba wayengiphethe kahle sisaqala ukuthandana,” kusho othi ubethandana nomfundisi.
Njengamanje kuthiwa ibandla selihlakazekile futhi aliseyona i-AFM kodwa selibizwa ngeLimitless God City Church International.
Ebuzwa ngalezi zinsolo uPastor Mdletshe, obuye abe nguthisha esikoleni sendawo kodwa odabuka eMtubatuba, uvele wavala ucingo.
Obizwe ngomengameli wesigungu esilawula KwaNongoma kodwa owale waphetha negama lakhe, uthe ngokwazi kwakhe leli bandla liseyiFaith Mission.
“UMfundisi Mdletshe wake wabekwa njengomfundisi kuleli gatsha kodwa wabuye wazisulela yena esikhundleni ngoba sesiqala ukumphenya ngezinsolo zokuqonywa.
“Sabe sesiqoka uMfundisi uZulu waKwaDlamahlahla ukuba asale esengamela naleli gatsha laseMcebo.”
Uthe uyakweshwama okokuthi leli bandla alisekho eFaith Mission futhi seliqanjwe kabusha.
“Uma kuyiqiniso lokhu engikuzwayo kuzophoqa ukuthi thina njengesigungu sebandla senze uphenyo futhi sibize nomhlangano ophuthumayo ukuze ludingidwe lolu daba,” kuphetha umengameli.
Nomunye umholi obizwe ngoMasikana uthe abamazi uMdletshe njengomfundisi kodwa bazi uMfundisi Zulu, naye ongowesifazane.