SEKUSUKE umsindo phakathi komeluleki wamaNazaretha eBuhleni kwezomthetho nomkhulumeli walolu hlangothi njengoba kuthiwa umkhulumeli webandla akabekiwe ngokusemthethweni futhi udlelana nohlangothi lwaseThembezinhle.
U-Advocate Lizwi Ncwane ongumeluleki wezomthetho eBuhleni, uchitha uMnuz Thokozani Mncwabe ongumkhulumeli walolu hlangothi. Uthe uMncwabe akakaze abekwe ngokusemthethweni futhi ucheme nabaseThembezinhle abamangalelene nabo. Lokhu kwenzeka emva kokuthi uMncwabe ethe uNcwane udukisa ibandla ngoba watshela amaNazaretha ukuthi icala selaphela futhi umholi osemthethweni yinkosi Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe.
UMncwabe uveze lokhu ngeledlule ngesikhathi ephawula ngesinqumo secala lamaNazaretha, esizophuma ngoMeyi 18 eNkantolo yezoMthethosisekelo, esizoqinisekisa umholi osemthethweni webandla phakathi komholi uNyazilwezulu nenkosi Phinda “Kukhanyakwelanga” Shembe waseThembezinhle.
Ngesikhathi uMnuz Ncwane enikwa ithuba lokuthi aphawule ngokushiwo wuMcwabe ngaye, uthe ngeke aphendule uMncwabe ngoba akanasikhundla kumaNazaretha aseBuhleni.
“Ngeke ngikwazi ukuphendula uMncwabe ngoba angimazi ukuthi unasiphi isikhundla ebandleni. Akakaze abekwe abe ngumkhulumeli webandla osemthethweni. Umuntu onelungelo lokukhuluma izinto zebandla ezithinta umthetho yimina. Kwezikamoya kumele kuthintwe uMfundisi Mbongwa Nzama, hhayi uMncwabe,” kusho uNcwane.
Uqhube wathi uma kuphawula uMncwabe ngezindaba zaseBuhleni kufana nokuthi kusakhulunywa nabaseThembezinhle ngoba udlelana nabo.
Kuthintwa uMncwabe uvele wahleka, wathi ukukhuluma kwamenza abe nezitha eziningi eBuhleni futhi lokho kwavezwa nawuNyazilwezulu ukuthi abantu bayamzonda ngenxa yokumela iqiniso.
“Mina ngabekwa ukuba wumkhulumeli webandla eBuhleni. Ngisho uMfundisi Nzama afakazisa ngaye, uhlala ekusho ukuthi uma kukhulunywa ngezinto zaseBuhleni kumele kuthintwe mina. Nakweminye imithombo yabezindaba uNzama useke wakuveza lokho, ukuthi makuthintwe mina uma kudingeka ukuphawula ohlangothini lwaseBuhleni. Inkinga kaNcwane wukuthi uyabona ukuthi washayisa ngokutshela amaNazaretha ukuthi icala selaphela, njengoba sekuvela ukuthi kuzophuma isinqumo eNkantolo yezoMthethosisekelo ngenyanga ezayo. Lokho ubona ukuthi kuzodida abantu. Manje usebona kungcono ukuthi agxeke mina ngoba ngikhuluma iqiniso," kusho uMncwabe.
Ngokudlelana nabaseThembezinhle, uMncwabe uthe ngeke yena akufihle uma eya kwelinye ibandla noma ngabe yikhona eThembezinhle. Uthe yitemu lakhona eBuhleni ukuthi uma ukhuluma iqiniso kuthiwe udlelana nabaseThembezinhle. Uveze ukuthi uma uNcwane emkhomba eThembezinhle, kusho ukuthi naye (uNcwane) udlelana nabo ngoba wayengumngani womholi wakhona osakhothama, inkosi Vela “Misebeyelanga” Shembe futhi babefunda ndawonye oNgoye.
Kuthintwa uMfundisi Nzama akalubambanga ucingo nomyalezo athunyelwe wona akawuphendulanga, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Ephawula ngesinqumo secala uNcwane, uveze ukuthi impela basilindele ngoMeyi 18 kodwa akukho okuzoshintsha ngoba bona beyibandla bayamazi umholi ofanele.
“Thina silandela umoya oyingcwele, okuyiwona osiholayo. Noma ngabe inkantolo ithini, thina siyazi ukuthi umholi ofanele wuNyazilwezulu,” kusho uNcwane.
UMncwabe uthe kumele uNcwane azehlise, asho ukuthi wenza iphutha ngokumemezela kumaNazaretha ukuthi icala seliphelile.