SEKUQUBUKE umsindo ngesimemezelo sikaMengameli Cyril Ramaphosa sokuthi uMnyango wezeMpilo ucubungula ukuthi kube khona incwadi engubufakazi bokuthi umuntu ugomile.
Lesi simemezelo sesicasule abantu bakuleli abathi isinqumo sifana ncamashi nokuthi sebeyaphoqwa ukuthi bathathe umgomo wobhubhane iCorona.
Kuqubuka lo msindo nje kwezinye izindawo sekunemibandela yokuthi abafuna ukungena kuzo kumele baveze ubufakazi bokuthi bagomile noma kabanayo iCovid-19.
NgoMsombuluko intatheli yeSolezwe izibonele kuxoshwa abantu abangenabo ubufakazi bokuthi bagomile eNkantolo eNkulu eThekwini ecaleni lenkohlakalo elithweswe iPhini likaSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu nabanye asolwa nabo odabeni lwemali enguR28 million yomcimbi iNorth Sea Jazz Festival.
IJaji uMahendra Chetty, okuyilo elingamele icala, likhiphe umyalelo wokuthi wonke umuntu oza ecaleni kufanele akhiphe ubufakazi bokuthi ugomile noma aveze imiphumela yakamumva ekhombisa ukuthi akahaqiwe yiCovid-19.
Labo abangagomile abahamba icala, bayalelwe ukuba njalo ngoMsombuluko bafike nemiphumela emisha ekhombisa ukuthi kabahaqiwe yiCovid-19.
Kwale noma sekuzikhalela omunye wabameli ejajini, u-Advocate Sandile Cele kodwa uChetty washaya phansi ngonyawo, wathi akekho ozovunyelwa enkantolo ngaphandle kobufakazi bokuthi ugomile noma imiphumela ekhombisa ukuthi akanayo iCovid-19.
UCele uthe abantu abamele bakhale ngokuthi kuzobadla ephaketheni ukuhlale njalo ngesonto beyohlolela iCovid-19.
UChetty utshele uCele ukuthi kuzogcina elakhe.
“Umyalelo uqondile futhi uzolandelwa. Labo abangagomile kufanele bafike nemiphumela emisha njalo ngoMsombuluko. Akubizi kangako ukuhlolela igciwane,” kusho uChetty.
Lesi senzo sigxekiwe kakhulu yinhlangano eqapha ukusebenza kwabezindaba, iMedia Monitoring Africa.
Umqondisi kule nhlangano, uMnuz William Bird, uthe yize amajaji enawo amalungelo okukhipha imiyalelo ngokufanele kwenzeke ezinkantolo zawo kodwa usola uChetty ngokugagamela.
“Ithanda ukuba yinkingana le ndaba. Ngabe kungcono ukuba okungenani kwenziwe ezinye izinhlelo zokuthi abezindaba bakwazi ukulilandela icala, kusetshenziswe ezokuxhumana. Ngabe kungcono futhi ukuba batsheliwe abezindaba bengakafiki enkantolo ukuthi kuzofuneka baphathe ubufakazi bokuthi bagomile,” kusho yena.
Kepha okhulumela uMnyango wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnuz Chrispin Phiri, uthe izwi lejaji kaliphikiswa.
“Umthetho uyawavumela amajaji ukuba akhiphe imiyalelo. Thina njengomnyango kasifuni ukugxambukela emiyalelweni ekhishwa ngamajaji.”
Kwenzeka lesi sigameko nje, amanye amaqembu ezepolitiki kulandela isimemezelo azwakalise ukukhathazeka ngokuthi kuccutshungulwa eyobufakazi bokugoma.
USihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal, uDkt Makhosi Khoza, uthe kumele kuqikelelwe ukuthi amalungelo abantu kawanyathelwa
"Kuyiqiniso ukuthi kumele siwahloniphe amanye amazwe uma enza ngendlela yayo kodwa kuleli siyakuqhakambisa ukuhlonishwa kwamalungelo abantu. Siyakugqugquzela ukuthi abantu bagome ukuze kunciphe ukubhebhetheka kwalolu bhubhane kodwa kumele kugcizelelwe ukuthi akuphoqiwe.
UMnuz Canaan Mdletshe onguNobhala jikelele weNFP, uthe kuyamangaza okwenziwa wuhulumeni kokukhuluma aphinde aziphikise.
"Bekugcizelelwa ukuthi abantu kabaphoqiwe ukuthi
bagome, bazoziyela ngokuthanda
kwabo kodwa emva kwenkulumo kamengameli, sekuyacaca ukuthi ukugoma kuphoqelekile. Lokhu kuphuca umuntu ilungelo lokuzikhethela," kusho uMdletshe.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bakuleli banxuse ukuthi kube nombhikisho wokuphikisa lesi sinyathelo.
Abantu bathe isimemezelo sikaRamaphosa siqhamuka nje kuvele sekukhona izindawo ezivumela ukuthi kungene abantu abagomile kuphela kuzona, yize uhulumeni engakawushayi umthetho wokuthi ukugoma kuyimpoqo.
KwiTwitter, abantu bebebhodla umlilo, besabisa ngokuyinyomfa bethi makube nemibhikisho ezifundazweni ezehlukene kuleli ngoMgqibelo.
Abanye bebethi isimemezelo sikaRamaphosa siwukugagamela futhi sibuyisela izwe emuva ngenkathi yobandlululo lapho abantu babephoqwa khona ukuphatha o-dompass.
Kuqhamuke nombuzo othi bekuzozwakala kanjani ukuba bonke labo abahaqwe wubhubhane ingculazi nabo bayacelwa ukuba baphathe ubufakazi obukhombisa ukuthi bayayidla imishanguzo?
“Yini le ebaluleke kangaka ngeCorona? I-Corona yafika kuleli ngoMashi 2020, namanje sisaphila. Yini ebesiyivika kuso sonke lesi sikhathi?” kubuza omunye kwiTwitter.