Mbali Khanyile
SEKUQUBUKE umsindo ngamavawusha okudla okuthiwa anikezwa imindeni yaseMlaza ehlwempu naqale ukutholakala ngoLwesibili olwedlule emahhovisi akwa-South African Social Security Agency (Sassa) eMaweleni, kuleli lokishi.
Kuthiwa lolu hlelo oseluqalile ukunikeza abantu amavawusha kaR1 350 asetshenziswa esitolo segilosa, uBoxer, selushiye abantu abaningi benokudideka ngokuthi abanjani abawatholile njengoba bona behluleke bancama ukubhalisela ukuwathola ngoMsombuluko.
Omunye wabantu abathutheleke kuleli hhovisi ngenhloso yokuyothola ivawusha yakhe nocele ukuthi lingadalulwa igama lakhe, uthe yize ebenesifiso sokuthola ivawusha yokuthenga igilosa usevele wadikibala futhi akaboni eyithola njengoba kungaqondakali ukuthi luhamba kanjani uhlelo lokunikwa kwayo abantu abahlwempu.
“ Ngesikhathi sitshelwa ngokutholakala kwama vawusha, nginqume ukuyolala kulayini ngeSonto, kuzosa kube wuMsombuluko. Inhloso yami bekuwukuthi ngibe phambili kulayini ngoba ngiyazi ukuthi kuvamise ukugcwala kakhulu ezintweni ezifana nalolu hlelo lokusizakala kwabantu abaqhamuka emindenini ehluphekile njengami. Into engiyibone ngoMsombuluko sekumele siqale ukusizakala, angiyifiseli muntu njengoba bese simbondelene ndawonye kulayini futhi singanakwe wumuntu ekubeni abaye ngesonto eledlule basizakala. Sididekile ngokuthi uhlelo lokutholakala kwamavawusha luhamba kanjani ? Siyafisa ukucaciseleka ngokumele sikwenze ukuze nathi esingasizakalanga sithole usizo,” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo, uthe incwadi yekhansela nekhophi kamazisi edingekayo kubantu abanesifiso sokuthola ivawusha, ubeyiphethe kodwa kuphoqeleke ukuthi aphindele nayo emumva ngoba ebona engasizakali.
UMnuz Muziwenyanga Dladla oyikhansela laku-ward 82 eMlaza, uthe uzwile ngodaba lokutholakala kwamavawusha emahhovisi akwaSassa kodwa ubengakaze azikhiphe izincwadi njengoba ihhovisi lakhe lingakavulwa.
“ Ngiyazithola izingcingo kubantu kodwa nami angiqondisisi ukuthi awani amavawusha abakhuluma ngawo njengoba singakabuyeli ehhovisi lethu,” kusho uDladla.
Lithintwa ikhansela laku-ward 83 kuleli lokishi, uMnuz Bhekizazi Mngwengwe ukuqinisekisile ukuthi zikhona izincwadi aseke wazinika abantu abafika ehhovisi lakhe bezifuna.
“ Thina sikhipha izincwadi ezinamakheli kuphela. Ezamavawusha asazi lutho ngazo futhi nabantu abafike bazicele kithina, siyaye sibatshele ukuthi asazi lutho ngohlelo lwamavawusha,” kusho uMngwengwe.
UNksz Sandy Godlwana onguMqondisi wezokuxhumana kwaSassa, uthe ihhovisi labo alinalo ulwazi ngokukhishwa kwamavawusha egilosa.
UMnuz Mhlaba Memela okhulumela Umnyango wokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu- Natal, uthe ngamampunge ukuthi kunamavawusha atholwa yibo bonke abantu emnyangweni wabo njengoba sekuthutheleka wonke umuntu kuwo.
“ Kunabantu abadlulisa imiyalezo edida abantu abangenalo ulwazi ngalolu hlelo lokukhishwa kwamavawusha. Lolu hlelo akusilona elabo bonke abantu kodwa ngelokulekelela abahlwempu njengoba kuneCovid-19. Abantu abangaphansi kwalo bakhethwa ngosonhlalakahle abanolwazi ngokuxakeka kwabo. Siwumnyango siphezu kwezinhlelo zokuya emisakazweni esifundazweni ukuze sicacise kubantu ukuthi kube nabapotshoze izindaba ezingamanga emphakathini,” kubeka uMemela.