BAFUNA kuxoshwe amaphoyisa okuthiwa ashaye umshayeli wetekisi oLundi waze washona ngoba emsola ngokuba nesibhamu. Amalungu omphakathi abhikishe avala umgwaqo u -R66 ongena oLundi ngamathayi avuthayo, acekela phansi nezimoto ngomlilo nangamatshe izolo, efuna izimpendulo emaphoyiseni ngokubulawa kukaMnuz Lindani ‘Mandodo’ Dludla (31), okuthiwa ushaywe amaphoyisa ngeledlule emphoqa ukuthi akhiphe isibhamu.
UDludla ubesebenza njengomshayeli kusoseshini wamatekisi Ulundi/Mahlabathini kanti ukubulawa kwakhe kususe umsindo njengoba kucasule amalungu omphakathi, amanye amchaze njengomuntu obethanda umsebenzi wakhe enenhliziyo enhle ephatha kahle nabagibeli.
Uyise kamufi uMnuz Abel Dludla, uthe indodana yakhe yayizilalele nonina wezingane zayo ezimbili elokishini kwa-C khona oLundi, ngesikhathi kutheleka amaphoyisa entathakusa ngoLwesine.
“Kuthiwa aqale akhiyela izingane zakhe kwelinye igumbi, aphinde akhiyela unina wazo kwelinye ngaphambi kokumshaya emphoqa ukuthi akhiphe isibhamu. Ngithole ucingo luvela kunina wezingane zakhe engibikela ngesigameko, nganikela khona. Ngimfice elele phansi ephalaza igazi engakwazi ukukhuluma nokuhamba, ephefumula kanzima. Ngimqashele imoto ngamphuthumisa emtholampilo, wadluliselwa esibhedlela lapho eshonele khona,” kusho uDludla.
Kuthiwa intombi yakhe yazama ukukhombisa amaphoyisa isifutho sikamufi njengoba ebenesifo sesifuba, ewancenga ukuthi angamshayi kodwa aqhubeka ambhaxa waze waphelelwa amandla, wahluleka ukuphefumula amshiya kanjalo edindilizile.
Omunye wabaholi bomphakathi uMnuz Siphamandla Ntombela, uthe okucasula kakhulu amalungu omphakathi ngalesi senzo wukuthi bezwa ukuthi amaphoyisa abulale uDludla akusiwo awasoLundi kodwa awaseThekwini.
“Okusikhathazayo wukuthi emlandweni akukaze kwenzeke ukuthi amaphoyisa asoLundi abulale umuntu. Kuke kwaba nezimpi eziningi kodwa amaphoyisa abehlezi ewenza ngendlela umsebenzi wawo, abophe ngokulandela umthetho kodwa awakaze abulale. Amshaye yize esekhonjiswa ukuthi unesifuba kodwa aqhubeka. Sifuna umnyango wamaphoyisa umngcwabe wona ngoba bazihlabele, amaphoyisa enze lokhu abhekane nengalo yomthetho,” kusho uNtombela.
Kuthiwa ngeSonto kuboshwe ababhikishi abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-35 no-45.
UNgqongqoshe wezokuThutha ukuVikela nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Ntuli, unxuse ababhikishi ukuthi behlise umoya.
“Njengezwe elinenqubo yentando yabantu, siyawahlonipha amalungelo abantu akuMthethosisekelo okuthi babhikishe ngokuthula ngaphandle kodlame nezenzo zobugebengu. Kodwa ngeke siwubekezelele umkhuba wokuvalwa kwemigwaqo okugcina sekucindezela umnotho. Amaphoyisa kumele abophe noma ngubani ophula umthetho,” kusho uNtuli.
Unxuse ukuthi uphiko oluphenya ngokuziphatha kwamaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid), luphenye ngokubulawa kukaDludla.
Okhulumela i-Ipid uNksz Ndileka Cola, ukuqinisekisile ukuthi uphiko luyaphenya.
“I-Ipid iluqalile uphenyo nakuba isimo sisemanzonzo njengoba umphakathi usabhikisha. Sizolinda isimo size sisivumele ukuthi sithathe isitatimende sikafakazi. Lolu phiko luzobe seluqoqa yonke imininingwane ebalulekile nobufakazi obuzoholela ekuthathweni kwezinyathelo,” kusho uNksz Cola.