NKOSIKHONA CELE
WENZE okungajwayelekile owesilisa waseMemel, phakathi kweVrede neNewcastle, ngenkathi entshontsha isidumbu sentombi yakhe wasingcwaba kubo, ngaphandle kokwazisa amalungu omndeni wentombi.
Ayathuthumela amalungu akwaSigasa, ngesenzo sikaMnuz Thami Khanye (37), ongcwabe indodakazi yawo uNksz Thandi Sigasa (35) waseMemel, ngaphandle kwawo.
Ngokuthola kweSolezwe NgoMgqibelo, uThandi noThami bese beneminyaka engu-15 bethandana futhi banamadodana amabili. Kodwa bebengashadile futhi noThami engakaze ayithi vu eyomshado.
UThandi ushone engozini enyantisayo ebeyindaba egudwini eyenzeke ngoFebhuwari 4 ku-R34 Memel Road, lapho kushayisane imoto ethwala impahla netekisi, kwashona abantu abane.
UMnuz Sphamandla Nkosi ohlobene noThandi, uthi ngemuva kwalokho bathatha isidumbu sikaThandi basiyisa emakhazeni aseMemel, abizwa ngokuthi Abangcwabi Funeral.
Uthi bathuke koma nasozwaneni sebehletshelwa ngabantu ukuthi uThandi uyangcwatshwa ngoLwesine.
"Siqale sangayikholwa into abebesitshela yona. Kodwa kukhona owesibili esimthembile osihlebelile ongumakhelwane wakwaKhanye ukuthi kungcwatshwa indodakazi yethu kwaKhanye," kuchaza uMnuz Nkosi.
Uthi abapholisanga maseko baphuthuma khona kwaKhanye.
"Sithe singena emagcekeni akwaKhanye sangena nemoto ebithwele isidumbu. Kunokuthi sisuse isixakaxaka sikhethe ukuhlala phansi sithamele umngcwabo. Yize besicasukile," elandisa.
Uqhuba uthi, baxakwe ubaba wekhaya, uMnuz Khanye obebonakala engayiboni inkinga kule nto ebikade yenzeka.
"UMnuz Khanye akakhombisanga ukuba ngubaba oneqiniso. Bamngcwaba kanjani umuntu ongasiyena umakoti wabo. Kunokuthi akhuze umhlola kunalokho emathuneni ubonge wanconcoza komakhelwane wathi bakwenze nakwabanye," kuchaza uMnuz Nkosi.
UMnuz Muzikayise Sigasa, ongumfowabo omdala kaThandi, ubewotha ubovu elibeka ngembaba elokuthi isidumbu sikadadewabo sizombiwa maqede singcwatshwe kubo. Uchaze isoka likadadewabo njengesichwensi, esingumgcwaneki esesajwayela ukucanasa.
"Ngeke kugcine yena, ngiyafunga! Isidumbu sikadadewethu sizobuya sizofihlwa lapha emagcekeni asekhaya," usho kanje.
Uthe ngesonto elizayo bahlela ukuya enkantolo yaseMemel.
Isoka lithe bekuyilungelo lalo ukungcwaba intombi yize bebengashadile. UKhanye uthe ukhethe ukumngcwaba kubo ngoba kusebenze imali yakhe. Udalule nokuthi unina wentombi, osewashona uMaMsimango, wamyalela ukuthi kube nguyena owengamela konke okumayelana noThandi.
"Nginesiqiniseko sokuthi uThandi ujabule ngokungcwatshwa kwaKhanye. Nonina lapho ekhona ujabule ngokuthi indodakazi yakhe ingcwatshwe yimina," echaza.
Umfowabo kamufi uthe ngesikhathi beyobika lolu daba esiteshini samaphoyisa eMemel, bachithiwe batshelwa ukuthi abaye enkantolo. Uveze ukuthi ngesonto elizayo bahlela ukuya eNkantolo yaseMemel.
Oyisazi kwezamasiko uMnuz Thandanani Mnguni, uthe kuyichilo lokhu okwenziwe yisoka wanxusa amalungu akwaSigasa, ukuba angazitheli ngabandayo alusukumele lolu daba.
UMnuz Professor Ntshangase, ongumnikazi wenkampani Abangcwabi Funeral, uthe ngokwesintu kuyiphutha okwenzekile. Wathi bavumile ukuba isoka lithathe isidumbu ngoba abakwaSigasa babengenayo imali yokungcwaba umufi.
"Isoka lathi uma kuzobhekana nalo ukungcwatshwa kukaThandi, lizomthatha limngcwabe kubo. Nathi akukho esasingakwenza," kuchaza uMnuz Ntshangase.