USOLA amaphoyisa ngokuhudula izinyawo umshushisi weNkantolo yesiFunda saseNkandla, osegqekezelwe izikhathi ezinhlanu kushaqwa impahla yakhe, endaweni ahlala kuyo eyisakhiwo sikahulumeni.
UMnuz Scelo Hlela osebenza njengomshushisi kule nkantolo exoxa neSolezwe ngoMsombuluko, uthe usezame konke ukuqinisekisa ukuthi impahla yakhe iphephile wafaka nezinsimbi esicabheni nasemawindini kodwa kunhlanga zimuka nomoya njengoba izigebengu zivele zikuketule zingene ngapahakathi, zithathe impahla yakhe. Empahleni yakhe yasendlini, ubale imishini esebenza ngogesi nezingubo.
“Akumina ngedwa engikhala ngomkhuba wokugqekezelwa ezindlini ezakhelwe ukuhlala abasebenzi bakahulumeni kodwa kuseyimina osegqekezelwe izikhathi eziningi kuphindelelwa kangangoba kusuka kuJulayi kuze kube kule nyanga, sengigqekezelwe kathathu. Umbuzo uthi asuke ekuphi amaphoyisa?” kusho uHlela.
Uthe ubugebengu nokugqekezwa kwemizi nezindawo okuhlala kuyo abantu, yinto edlange kakhulu endaweni kangangoba namalungu omphakathi akhala ngakho.
Uveze ukuthi kamuva, zikhona izimpahla ezitholiwe ebezithukusiwe, kwakhona oboshwayo kodwa kulezo mpahla azikho okungezakhe.
“Okunye okudidayo ukuthi izimpahla ezitholiwe, zitholwe eduze kwezakhiwo okuhlala kuzo amaphoyisa ezakhelene nesiteshi sawo. Lokhu kushiya ukudideka ekutheni kungenzeka yini kube khona amaphoyisa athenga kwizigilamkhuba? Ukugqekezelwa kwami izikhathi eziningana kukhombisa ngokusobala ukuthi kukhona abangilandelayo,” usho kanje.
Uthe kwesinye isigameko, ugqekezelwe emini esemsebenzini, waveza ukuthi bafisa kuqiniswe ezokuphepha ukugwema ukuntshontshelwa impahla ngale ndlela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi akhona amacala okugqekezwa avulwe esiteshini samaphoyisa eNkandla phakathi kuka-Okthoba nyakenye nakule nyanga, emva kokuqhekezwa kwendlu ngabangaziwa kwathathwa okokugqoka nenye impahla yasendlini.