UYAZISOLA ngokugixabeza obeyisoka lakhe ngefa alithola ngokushona kukanina umculi wekwaito osedume ngokuhlale engqimuzwa ngamasoka.
UNomasonto ‘Mshoza’ Maswanganyi uthi unamahloni ngisho okuyikhuluma le ndaba. Ngisho umndeni wakhe akazi ukuthi uzowubhekelwa wubani uma usuzwa ngale ndaba.
“Ngisaba ngisho ukusho ukuthi yimalini le engikhuluma ngayo. Ngisho osisi bami angazi ngizobatshela kanjani,” kusho lo mculi owenza lokhu ngoba esezitshela ukuthi obeyisoka lakhe asehlukene naye, vele usengumyeni wakhe.
Lo mculi uqgigqisana ezinkantolo nesoka lakhe elingusomabhizinisi waseBergville, uMnuz Thuthukani Mvula.
Uthi into emenza aveze lokhu wukuthi ufuna abesifazane bafunde kuyena ngokuthi akumele banikele ngayo yonke into emadodeni ngenxa yothando.
“Ngifuna ukutshela abesifazane ukuthi abayeke ukuhlala namadoda ngoba bencenge imali. Mina ngingamane ngaziwe ngokuthi ngiyinto eshaywa amadoda kunabanye abahlalela ukuhlukunyezwa,” usho kanje.
NgoMsombuluko liyabuyela enkantolo eseQwaqwa icala elibhekene noMvula lokushaya nokushisa impahla yakhe yokugqoka okubalwa kuyo namadilozi.
“Ngeke ngiqambe amanga ngithi ubengangisizi, sikhona isikhathi ebengijabule ngaso. Yingakho emuva kokulobola ngamsiza ngale mali ngoba bese ngimthatha njengomyeni wami. Kodwa ngeke icala ngiliyeke ngoba ngiyazithanda izimpahla zami. Ngithe uma sengibala, zingaphezulu kuka-R600 000 izimpahla azishisa nazipha odadewabo. Angifuni aboshwe kodwa ngifuna akhokhe izimpahla zami. Ifenisha ngakwazi ukuyilanda isifihlwe kwenye iwarehouse eMnambithi,” kusho uMshoza.
UMshoza eqhuba uthe uyafisa abantu besifazane basike iphethini kuye bangavumi ukudlala amadoda.
Ethintwa uMvula uzwakalise okukhulu ukumangala ngalezi zinsolo wathi kodwa ngeke esaphawula ngalolu daba lwabo njengoba lusenkantolo.
“Ngiyalelwe ukuthi ngingabe ngisaphawula kwabezindaba. Ummeli wami uthe angike ngime kancane, ngakho ngizocela ukungasho lutho,”kusho uMvula.
Leli phephandaba liphinde lathola ukuthi kunezinsolo zokuthi isoka elisha likaMshoza ngempelasonto edlule, like lamtitinya waze wacela uxolo kuMvula. UMshoza uzichithile lezi zinsolo wathi konke kusahamba kahle kodwa akafuni ukungena agxile ngothando lwakhe olusha.