IPHENDULEKILE imithandazo yosebenza ezindlini wasePitoli obambe isigaxa sikaR70 million sePowerball PLUS yangoLwesine odlule. Lo wesifazane onengane eyodwa, uthenge ithikithi egaraji ngoR7.50 wazikhethela izinombolo. Uthe wasizwa umqashi wakhe ngesikhathi emtshengisa izinombolo wamtshela ukuthi ubambe i-jackpot.
Ekhuluma nabeThuba, uthe ethola ukuthi uwinile uphuthume egaraji wayobuza koshaya ithili ukuthi kumele enzenjani. Uthe umyalele ukuthi abhale igama lakhe kanjalo nenombolo kamazisi ngemuva kwethikithi lakhe.
Uthi uye emahhovisi eThuba ukuze ayothola izindodla zakhe. “Bengicwile ezikweletini. Yimina owondlayo ekhaya. Ngaphambi kokudlala ngafaka ithikithi ebhayibhelini engalinikwa umngani ngahlaba phansi ngedolo, ngathandaza ngicela ukuthi angisize uMdali kuphele izinkinga zami.”
Uthe akazange alale njengoba ngo-3 ekuseni waphinde wavuka wathandaza ecela ukuthi oNgabonwayo ambusise yena nomdeni wakhe.
Uqhube wathi useshiyile emsebenzi wakhe weminyaka engu-30 wathi uhlela ukusebenzisa imali ukulungisa umuzi ahlala kuwo nendodakazi yakhe, umzukulu nomfowabo omncane.
“Ngizosiza indodakazi yami ngemali yokufunda enyuvesi ukuze ibe owokuqala ukuthola iziqu emndenini. Ngihlela nokuthenga umuzi onamakamelo amahlanu kwenye yezindawo zomntakabani ePitoli, ngikhiphe umndeni wami ngiwuyise eholidini eKapa. Ngizothenga nefoni,” usho kanje ethi ujwayele ukukhetha izinombolo ezizodwa azidlalayo wathi noma esewinile uzoligcina ithikithi lakhe.
UNksz Khensani Mabuza, isikhulu seThuba, uthe abawinayo baqhamuka kuzona zonke izinkalo kuleli.