UMSAKAZI wesiteshi somphakathi iMbokodo FM, oseke wahlabana ngendondo yeBest Community Radio Presenter kumaSABC Crown Gospel Awards, uThami Ntombela, uvulele iphoyisa lasePinetown, eThekwini, icala lokumlimaza.
UThami, osakaza uhlelo lwasemini olusihloko sithi Injobo Ithungelwa Ebandla, usola leli phoyisa ngokumehlisa isithunzi nokumlimaza.
“Bengiphuma ebhange kwaqhamuka amaphara angiphuca imadlana.
“Ngisuke lapho ngaqonda esitolo sakwaMcDonald ngiyofuna okuthize, ngithe sengiphuma khona ngafica sekugcwele amaphara emgwaqweni.”
Uthe amvimbile, wenza sengathi ukhipha ummese ekhukhwini, abaleka amanye kwasala elilodwa.
“Ngiqonde kulo ngalibamba ngamawashingi kanti kuzoqhamuka iphoyisa, elifike labuza ukuthi kwenzekani, ngilibuze ukuthi aliboni ukuthi kwenzekani.”
Uthe iphoyisa livele lamthatha lamphonsa evenini lathi makakhululeke uyokhuluma phambili.
Ngithe ngisangena, kusasele amadolo, lavele lawabhangqa nesicabha, ngalimala lapho.”
UThami uthe uhlubuke amadolo kabuhlungu. Uthe ngemuva kokuxoxa kwephoyisa nephara abeboshwe nalo,
“livule imoto, lithi angiphumele ngaphandle. Ngathi uma ngilibuza ukuthi alisayi yini ukuyongibopha, langibamba langihudulela ngaphandle.”
UThami usuke lapho wayovula icala emaphoyiseni asePinetown.
“Ngiye esibhedlela saseSt Mary’s (eMariannhill) lapho nginikwe khona izinduku zokuhamba, bangibhandisha ngoba idolo livuvukele,” kuphetha uThami.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi kunecala lokushaya elivulwe esiteshini samaphoyisa sasePinetown.
“Lolu daba lusaphenywa,” kuphawula uCaptain Gwala.