Izindaba

Umsakazi nezinkonzo zokubuyisa ithemba kubantu

Nkosikhona Cele|Published

UMSAKAZI uSiphelele Myeni ohlele izinkonzo zokubuyisa ithemba

Image: SITHUNYELWE

UHLOSE ukubuyisa ithemba kubantu abehlukene umsakazi wesiteshi somphakathi ngezinkonzo azenzayo ezihlanganisa abamabandla ehlukene.Loyo uSiphelele Myeni ogumsakazi wesiteshi somphakathi saseNdwedwe iSiyathuthuka FM. Lokhu ukusho ngemuva kokuba kade kunendumezulu yenkonzo yamabandla ehlukene ebikade iqhutshwa oThongathi eHambanathi.

SABAZALWANE ebebehambele inkonzo

Image: SITHUNYELWE

Uhlelo lwakhe lungena ngamaSonto kusukela ngehora lesithupha kuze kubumbane ihora leshishiyagolounye. ''Abantu abaningi baphelelwe yithemba lokhu kudalwa yizinto eziningi kakhulu abazithola bebhekana nazo endleleni. Lezi zinkonzo sifuna ukusebenzisa zona kanye ukubakhuthaza nokubuyisa ithemba kubona ukuze bazi ukuthi uNkulunkulu ukhona futhi akasoze abalahla noma ngabe babhekene nasiphi isimo kweyabo impilo,'' usho kanjena.

Uthe yingakho besebenzisana nabefundisi bamahlelo ehlukene ngoba bahlose ukuthi kukhulekwe ndawonye kungabhekwa ukuthi omunye ukhonza kwelinye ibandla. ''Sifuna ukuthi sonke sithandaze ndawonye sikhuleke sijule ukuze abantu bakithi bezobonakala bebuyelwa yithemba,''usho kanjena.Phakathi kwezinceku nezincekukazi ebeziyingxenye yale nkonzo kubalwa uMfu Khumalo, uMphostoli Ntombela, uMphostoli Mkhize, uMfu Biyela, uMfu Zaca noMphostoli Wele Ramabosh.

Le nkonzo iSiyathuthuka ibikade eyenze ngokubambisana nenhlangano yabefundisi yakhona oThongathi kuward-62. Le nkonzo beyethiwe elokuthi : UnguJehova Ongajiki Conference. Phakathi kwabebeseke le nkonzo kubalwa aboSizwelwethu Funerals,neHambathi Barriel Services kanye nabeMZ Lodge.