NKOSIKHONA CELE
UYABALISA unina wengane yentombazane eneminyaka engu-17 osola ukuthi idlwengulwe iphindelelwa nguyise wayo ongumqeqeshi kanobhutshuzwayo odumile.
Lo mqeqeshi osezakhele igama, useke waqeqesha elinye lamaqembu ahamba phambili kwiPremier Soccer League (PSL). Uke walolonga nelinye iqembu kwiGlad Championship nakwezinye izigaba.
Unina wentombazane eyenza uGrade 12, uthi iphazamisekile nasesikoleni ngenxa yesimo esiyehlele.
“Uze wangitshela ngale nto ngenyanga edlule. Bengimvumela avakashele uyise ngoba ngimethemba yize sesahlukanisa,” usho kanje.
Kusolwa ukuthi lo mqeqeshi udlwengule le ntombazane ngesikhathi ivakashile eGoli.
Okhulumela amaphoyisa eGoli, uCaptain Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuth lo mqeqeshi uvulelwe icala lokudlwengula. Uthe umsolwa ubingelele iMantshi enkantolo yeMantshi eRandburg. Icala lihlehliselwe uDisemba 3.
Le ntombazane unina uthi isizame ukuzibulala kwaze kwakathathu, kodwa yena ubengazi ukuthi kanti inkinga uyise.
Unina wengane uthi kunzima ukuzixolela ngokuvumela indodakazi yakhe iyovakashela uyise.
Isolezwe ngoMgqibelo likhulume nomqeqeshi wakuqinisekisa ukuthi uvulelwe icala lokudlwengula. Uthe ubhecwa ngobende inyama engayidlanga. Usole unina wendodakazi yakhe ngokumbophela amanqina enyathi. Wathi konke kovela obala uma sekuqulwa icala .
“Uma kungasa kusasa kuthiwa sengifile loyo muntu wesifazane angajabula. Kodwa okusalayo iqiniso lizovela. Indodakazi yami ayiyazi le nto okukhulunywa ngayo,’’ usho kanje.