KUMENELE umqaphi okusolakala ukuthi ushawe, waphuziswa ushevu emsebenzini, esolwa ngokweba amabhetri eloli lapho abegade khona.
UMnuz Loyiso Mbidana (33), odabuka eBhizana, kuthiwa usolwe ngabaqashi bakhe emva kokuba kuduke impahla egadile eClairwood, washawa kanzima ngaphambi kokuphoqwa ukuba aphuze ushevu.
Kuthiwa umufi ubesemsebenzini njengenjwayelo ngesikhathi ethelekelwa, esolwa ngokuthi uyisela nalapho athe uyazihlangula wahlaselwa.
Udadewabo kamufi uNksz Fundiswa Mbidana, uthi umfowabo ushonele esibhedlela kanti bathole umbiko wokuthi uphuze ushevu okuyiwona omjuqile. UNksz Mbidana uthi umfowabo uqale wathi ukuphila ngaphambi kokuthi ashone, kanti kukhona akushilo ngokwenzekile. Kuthiwa bekuyiqulu labantu abebemphoqa ukuthi avume ukuthi uwantshontshile amabhetri eloli
“ Uke washo ngaphambi kokuthi ashone ukuthi uphuziswe into esengathi iyi-acid, ngesikhathi eshawa uthe bebemphoqa ukuthi ayiphuze. Kubuhlungu kakhulu, indlela ashone ngayo ibe yimbi kakhulu, sifisa kube nobulungiswa,’’ kusho uNksz Mbidana.
Uthe sebethembe ukuthi amaphoyisa azokwenza umsebenzi wawo ngaphandle kokwenzelela ukuze kuvele iqiniso. Uqhube wathi umfowabo bamazi njengomuntu obezibambela amatoho abakwazi okokuthi uyeba, bethukile uma bezwa ukuthi ushawe kanzima esolwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe umsolwa sebembophile udaba lusezithebeni zenkantolo.
“ Kuthiwa umufi oneminyaka engu-33, ushawe kanzima ngabasolwa abaziwayo bethi webe amabhetri eloli amabili. Umufi ushawe walimala kanzima waphuthunyiswa esibhedlela lapho efike washonela khona. Umsolwa oneminyaka engu-49 uboshiwe uzovela eNkantolo yeMantshi eThekwini,’’ kusho uCaptain uGwala.