Sekusuke umsindo ngohlelo lwethelevishini olukhuluma ngempilo yenjinga yaseThekwini, uShauwn Mpisane.
Umyeni wakhe asebehlala ngokuhlukana naye uSbu Mpisane ushaya phansi ngonyawo ngokukhonjiswa noma ukudlala kwalolu hlelo okulindeleke ukuthi luqale ukudlala ku-1Magic (DStv channel 103) maduze.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uSbu uthe uzobathathela izinyathelo zomthetho abesiteshi esiqopha lolu hlelo ngokuluqopha ngaphandle kwemvume yakhe.
Uthe akakaze atshelwe lutho ngalolu hlelo, okuyiphutha ngoba kuzosetshenziswa isibongo somndeni wakhe ngaphandle kwemvume yakhe.
Uthe lingawa licoshwe zinkukhu uma lolu hlelo lungaqala ukuboniswa kuthelevishini ngaphandle kwemvume yakhe.
Uthe into emcasula kakhulu ukuthi uyazi luzokhuluma nangengxabano yakhe nenkosikazi yakhe kodwa yena akanikezwanga ithuba lokuthi abeke uhlangothi lwakhe.
“Ngizobabopha uma becabanga ukuthi bazokwenza uhlelo olukhuluma ngomndeni wami ngaphandle kwemvume yami. Sisashadile noShauwn futhi kungase kuthathe iminyaka ecela kwemihlanu ukuthi kuphothulwe idivosi,” kusho uSbu.
Uthe uyadabuka ngoba uyezwa ukuthi usumningi umsebenzi owenziwe ukulungiselela lolu hlelo ozogcina usuyize ngoba akulandelwanga imigomo efanele.
Ukhale ngokuthi abantu akumele bagxambukele ezindabeni zomndeni wakhe ngoba abakwazi okuqhubekayo ngaphakathi kuwo.
Okhulumela i-1Magic, * -Irvin Pooe, uthe, ethanda engathandi uSbu, uhlelo luzoqhubeka luboniswe.
Uthe isiteshi asinayo inkontileka noSbu, abantu esinenkontileka nabo, bavumile ukuqopha uhlelo.
“Izingane zakhe vele zisebenzisa isibongo sakhe lokho ngeke kushintshe. Uhlelo luzoqinisekisa ukuthi aliliphathi igama lakhe. Igama lohlelo alikaqinisekiswa, lisengashintshwa. Asiboni nokuthi uzofuna ukuba yingxenye yohlelo njengoba behlukanisa nenkosikazi yakhe,” kusho * -Irvin.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaShauwn ayizange iphumelele uvele waluvala ucingo ngemuva kokuthi intatheli izibike kuye.
Imiyalezo athunyelelwe yona akazange ayiphendule kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.
NgoLwesine, indodana yalezi zinjinga, u-Andile Mpisane, ishiye engalazi ekhasini layo kwi-Instagram iphawula ngengxabano yabazali bayo.
Uthe ubelokhu ezibambile ethi izindaba zabantu abadala kodwa manje useqoke ukukhuluma ngoba negama lakhe liyathinteka.
Usole uyise ngokuhamba ekhuluma ngonina kwabezindaba athe indlela yakhe yokudicilela phansi isithunzi sikanina.
Uveze ukuthi selokhu unina ehlala ngokuhlukana noyise, ujabule ngendlela eyisimanga.
Uphinde waveza nokuthi uSbu usengumyeni kaShauwn ngenkani ngoba uyenqaba ukwamukela isinqumo sakhe sokuthi bavidose.
Ukubeke kwacaca ukuthi uSbu umbiza ngomyeni kanina hhayi uyise ngoba uyise ubengeke aqambe amanga antshontshe nefa lakhe.