Izindaba

Umphathiswa ukhathazekile ngokufa kwabasebenzi abakha izakhiwo

sabelo mbatha|Published

Kufe oyedwa kusetshenzwa enxanxatheleni yezitolo eSpringfield Park

Image: Doctor Ngcobo

UMPHATHISWA woMnyango weMisebenzi yoMphakathi, uMnuz Martin Meyer, usezwakalise ukukhathazeka ngezigameko zokufa nokulimala kwezisebenzi lapho kwakhiwa khona kulesi sifundazwe. Lokhu kulandela ukushona komuntu oyedwa izolo kwalimala abane abebesebenza kwenye indawo eSpringfield Park eThekwini, emuva kokuwa kwezinsimbi abebegibele kuzo.

Ngokusho kokhulumela umnyango esifundazweni uMnuz Steve Bhengu, ngoJanuwari kulo nyaka, kwalimala abasebenzi abangu-7 ngesikhathi kuwa isakhiwo esasakhiwa kuR102 ngaseKing Shaka International Airport.

Uthe ngoMeyi nyakenye kwafa abasebenzi abane benkontileka eyakhayo ngesikhathi udonga luwela phezu kwabo eBallito kanti ngoJulayi odlule kwafa omunye umsebenzi emva kokuwa esuka ophahleni lwesakhiwo eMorningside, eThekwini.  

"Njengomnyango obhekele ezokwakha, uMeyer uzwakalisa ukukhathazeka okukhulu ngezigameko ezinjena ezibikwayo. Ukholwa wukuthi abasebenzi abangabakhi babambe iqhaza elikhulu ezakhiweni abantu abaningi abazibonayo. Izakhiwo zibonakala njengophawu lomnotho nomphakathi okukhulayo, kodwa lezi zigameko ezimbi ziyisikhumbuziso sempilo elahlekayo, " kusho uBhengu.

Uthe njengoba kusalindwe imininingwano egcwele ngesigameko sayizolo, uMeyer unxusa bonke abathintekayo ukuba bavumele abomthetho nabafanele ukuba bathole imbangela yengozi.

"Udaba lokuphepha nendawo elungele ukusebenza, okungaba yimisebenzi emikhulu noma emincane, uMphathiswa ukuthathela phezulu okumanje uyahlangana nabakulo mkhakha nabengalo yomthetho zinyanga zonke ukuthola izisombululo," kusho uBhengu.

Uthe lokhu kuhlanganisa ukuqedwa kokukhokhiswa imali kwezinkampani nodlame.

Ubonge ukusukumela phezulu kwabezimo eziphuthumayo nabomthetho ngesikhathi kwehla lezi zigameko waphinde wadlulisa amazwi enduduzo emindenini yezisulu.