UMPHAKATHI waseKlaarwater eMariannhill nezinhlelo zokulwa nenkinga yokungasebenzi nezinga eliphezulu lobugebengu kule ndawo
Image: Sithunyelwe
IZINGA eliphezulu lokungasebenzi kwabantu ikakhulukazi intsha sekuphoqe umphakathi waseKlaarwater, eMariannhill, ukuba uqhamuke nohlelo lokulwa nalesi simo.
Ngokusho kwephini likasihlalo wekomiti lomphakathi, uMnuz Sifiso Majola, izinga lokungasebenzi kwabantu kule ndawo liphezulu kakhulu kangangokuthi kunemindeni okungasebenzi muntu kuyona.
"Ngenxa yalesi simo sibone ukuthi ayikho enye indlela esingalungisa ngayo le nkinga ngaphandle kokuthi siwumphakathi sisukume kubekhona esikwenzayo," kusho uMajola.
Echaza ngalolu hlelo, uthe kuzosetshenziswa abantu bendawo abanamakhono emikhakheni ehlukene yemisebenzi yezandla.
"Okuhle ngalokhu wukuthi ngisho nezingane ezifundayo zizophuma ezikoleni ziye kofundela imisebenzi yezandla okuzozisiza ukuthi zikwazi ukuziphilisa uma ziqeda isikole," kuchaza uMajola.
UMajola uthe lolu hlelo luzophinde lulekelele ukulwa ngobugebengu nenkinga yezidakamizwa endaweni. Lo mphakathi awuqali ukusungula izinhlelo zokuzithuthukisa njengoba unolwezingadi lapho kutshalwa izinto ezinjengesipinashi, iklabishi, amazambane nokunye okuningi.
"Sesiyakwazi ukutshala sidayise siphinde sidle emakhaya. Kulolu hlelo silekelelwa wuMnyango wezoLimo osixhase ngamathuluzi okusebenza nembewu," kusho uMajola.
Uthe kukhona amalungu omphakathi asethole ukuqeqeshwa kwezolimo
Uveze ukuthi sebesungule umfelandawonye nososeshini wabalimi bendawo kanti bamatasa balungisa indawo enkudlwana kulona leli lokishi okuzotshalwa kuyo.
Ekutshaleni uthe basebenzisa ulwazi lwabo kanye nabaluthola ezincwadini abazinikwa wumnyango.
"Iphupho lethu wukuthi iKlaarwater ifakele abezimakethe izitshalo, abezitolo impahla yokugqoka nezikole imifaniswano. Sifuna kwaziwe ukuthi uma ufuna into noma ngabe umakhenikha wemoto uzomthola eKlaarwater."
UMajola uthe uhlelo lwamakhono luzophumelela noma kanjani inqobo nje uma umphakathi ubambisene.
Uthe sebekwazile ukusungula uhlelo lokuqapha ubugebengu endaweni oselube yimpumelelo lapho abesilisa beqapha indawo ubusuku nemini.
Uqhube wathi abesifazane bendawo sebenohlelo lokusiza abashonelwe ngokubahambisela igilosa uma kunesifo.
"Siyakugqugquzela ukuthi abesilisa bendawo kube yibo abaqapha ubugebengu. Umphakathi usukwazile ukuzihlanganisela imali yokuthenga amakhamera uphinde uzifakele wona."
Ngaphezu kwalezi zinhlelo, uthe banolunye abazohlangana kulo neSeta lokuvuselela imizi nezakhiwo kuleli lokishi athe luzobe lweziwa amalungu omphakathi kanye nabazoqeqeshwa ohlelweni lwamakhono.
UMajola ugqugquzele ukuba amalungu omphakathi eseke amabhizinisi endawo ukuze kufukulwane. Ekomitini labo kunomnyango obhekele ezamabhizinisi.
"Sinxusa umphakathi ukuba usukume uzibandakanye ezinhlelweni zentuthuko futhi ubambisane kukho konke okwenziwayo. Sifuna ukuthi indawo yethu ibe yisibonelo esihle nakwezinye. Ubugebengu nezidakamizwa sizokuqeda futhi sifuna ukubuyisa ithemba kubantu ngoba bakhona asebelilahlile ngenxa yezimo zempilo abaphila kuzona."
Related Topics: