UVALE amasango kamasipala, izolo umphakathi waseMooi River othi awusayifuni imeya yawo othi ayizi uma uyibizela emihlanganweni kodwa iphendula ezinkundleni zokuxhumana.
Lo mphakathi obukhala ngokuthi iMeya kaMasipala iMpofana, uMnuz Xolani Duma iqasha abangani bayo ezikhaleni zemisebenzi ezikhangisiwe, uthi kunomyalezo osabalele ezinkundleni zokuxhumana okuthiwa ubhalwe ngothile obebonga umsebenzi ekubeni umphakathi usaqhubeka nokuletha ama-CV awo ezikhaleni ezingu-13 zamaGeneral Worker ezikhangisiwe kodwa kube usuku lokuvalwa kokufakwa kwezicelo kungoLwesithathu.
Umphakathi okuthiwa ubuholwa yintsha kuthiwa ugasele kwamasipala ngoLwesibili wavala amasango uthi ufuna ukuthi imeya izophendula ngalokhu okubone kuFacebook, iphinde ichaze ukuthi yini eyenze ukuthi lezi zikhala zincishiswe ngoba phambilini bezingu-50. Abantu bathi kwasha amahhovisi akwandabazabantu kulo masipala abantu sebezifakile izicelo zomsebenzi, kwase kuthiwa zizobuye zivulwe kabusha kodwa sezibuya sezingaphansi kwesibalo esasikhishwe.
Abasolwa ngokuthi bahola lo mkhankaso wokuvala umasipala baboshiwe ngalo uLwesibili ntambama besolwa ngokulimaza impahla kamasipala, badedelwa ngesexwayiso izolo
UMYALEZO okuthiwa ubuthunyelelwe imeya kaMasipala waseMpofana osatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana, oholele ekutheni umphakathi uvale umasipala
Abangaboshwanga babuyele kuwo lo masipala ekuseni, izolo baphinde bavala umasipala.
Elinye ilunga lomphakathi elingathandanga ukudalulwa lithe: “Zishonephi izikhala ezingu-37, njengoba sekukhangiswe ezingu-13? Uneminyaka emithathu ehleli esihlalweni sobumeya kodwa akezi emhlanganweni uma simbiza, ugijima ayobhala kuFacebook.”
UDuma akatholakalanga ocingweni lwakhe kodwa kwi-akhawunti kaFacebook okuthiwa eyakhe uphendule wathi: “Izindaba ezingamampunge ziholele ebugebengwini. Umasipala uvulele amacala izigebengu ezingu-17, ezidabule ama-CV abantu emahhovisi alo mkhandlu.”
Uqhuba athi uyazi ukuthi lo mkhankaso uqhutshwa ngabantu ababehola imashi eyayithi akaphume esikhundleni nyakenye. Unxuse umphakathi ukuthi ungadidiswa ngabantu abanezinhloso zezepolitiki.
Umthombo waleli phephandaba uthe umphakathi awuzange ungene kwamasipala, ubume ngaphandle futhi ubungenalo udlame, kodwa kubonakale imeya isifaka izithombe zama-CV kuFacebook, agcwele phansi ethi kwenziwe ngabebevale umasipala.
UNkk Nomagugu Simelane-Zulu okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uthe abakukhuthazi ukuthi kuqashwe ngobungani. “Ukuvala amasango kamasipala ngento esabalele kuFacebook nakho kuyiphutha. Siyakuphenya ukuthi ngabe kukhona yini asebeqashiwe ekubeni lungakafiki usuku oluwumnqamulajuqu kodwa sithi umphakathi awungathathi izinqumo ngezinto ezisatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana.”