UNINA wentombazanyana okuthiwa ihayize ubumayemaye emuva kokuthi owesilisa waseMachobeni lapho behlala khona, eyibonise izithombe nama-video ocansi UNINA wentombazanyana okuthiwa ihayize ubumayemaye emuva kokuthi owesilisa waseMachobeni lapho behlala khona, eyibonise izithombe nama-video ocansi
UTHELEKELWE wumphakathi ngamabhodlela nangezibhakela owesilisa waseMachobeni ngaseLindelani, ngemuva kokuvela kokuthi uvezele izingane ezisencane izithombe zocansi.
Lo wesilisa esingeke silidalule igama lakhe njengoba engakasho ukuthi uyalivuma noma uyaliphika icala, kuthiwa ubebiza izingane zamantombazane ezingomakhelwane athi uyazithuma, agcine ngokuzivalela endlini ezibukisa izithombe zocansi, esebenzisa i-lap top yakhe.
Indaba idalulwe yintombazane eneminyaka ewu-13, evele yasho ngengila kwaphuma omakhelwane.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, umphakathi uphimile kwahlatshwa umkhosi, watitinywa owesilisa ngaphambi kokubizelwa amaphoyisa.
Unina wentombazane esho ngengila, uthe indodakazi yakhe imtshele ukuthi into eyimemezisile wukubona into engakaze iyibone.
“Udinga ukwelulekwa ngokomqondo ngoba bekumele ayobhala namhlanje esikoleni, sahamba sayokhuluma nothisha ukuthi sibona engakulungele selokhu kwenzeke le nto kuyena,” kusho unina wale wentombazanyana eyenza uGrade 7 kwesinye sezikole eLindelani.
Unina ucele ukuba indodakazi yakhe izikhulumele ngokwenzekile.
“Bengikha amapentshisi kwesinye sezihlahla...uphumile endlini wangitshela ukuthi nguyena ogade abantshontsha amapetshisi.
Ngixolisile mina, wabe esethi angingene endlini yakhe. Ngingene wabe esevala umnyango, wathi angizobuka kwi-lap top yakhe. Kuvele abantu abebenza ucansi,” kusho intombazanyana.
Iqhube ithe umsolwa uyibuze iminyaka yayo yobudala, okuthe uma imtshela, wayesethi kuhle-ke ngoba isikhulile.
Ngemuva kwalesi sehlakalo, kuvele nezinye izingane ezimbili nazo ezitshele abaphenyi becala ukuthi zike zabukiswa izithombe zocansi nguyena umsolwa.
Owesilisa osolwayo kuthiwa uhlala nengane yentombazane eneminyaka emibili. Ngokwelinye ilungu lomphakathi, kuthe uma bembuza ukuthi uphi unina wengane, wabatshela ukuthi uyobeletha esibhedlela.
Unina wengane okukhulunywe naye, uthe ubonga uNkulunkulu ngokuthi indodakazi yakhe ayidlwengulwanga.
“Siyile kodokotela bafike baqinisekisa ukuthi akakaze adlwengulwe,” kusho unina wentombazanyana.
Kunezinsolo zokuthi ziningi nezinye izingane okungenzeka ukuthi zike zabukiswa izithombe zocansi.
“Siyasola nokuthi nale ngane yakhe ahlala nayo hleze nayo uyihlukumeza ngokocansi,” kusho umzali ophumele obala.
Ugogo wengane ebihlala nowesilisa kuthiwa ufikile khona izolo wazoyilanda.
Amanye amalungu omphakathi athe afuna kungenele nenkosi yendawo ukuze umlisa adingiswe nasendaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseNanda abophe owesilisa (33) ngecala lokukhombisa izingane izithombe zocansi.
Uthe owesilisa osolwayo uvele eNkantolo yeMantshi eNtuzuma izolo, bekungakacaci ukuthi uyitholile yini ibheyili.
“Kuthiwa ngoNovemba 6 umsolwa udobele endlini yakhe owesifazane oneminyaka engu-13 lapho afike khona wamdlalela ama- video ocansi, wamphoqa ukuthi akawabuke,” kusho uCol Thembeka Mbele.