UMPHAKATHI obudinwe ugane unwabu ungqongqise ngomlilo imoto yobesolwa ngokuba isela elintshontsha imfuyo KwaCiko eDududu, izolo.
Owesilisa ogcine eboshwe ngamaphoyisa ubanjwe ekuseni ngabo-4 elayishe izimbuzi ezintathu kwiToyota Tazz, kukhona nabantu ababili abagibelisile. Kutholwe nezinye izimbuzi ezingu-17 azikhombe lapho abezifihle khona.
Umphakathi osekuphele iminyaka emibili ukhala ngokwebiwa kwemfuyo kuthiwa umise le moto, watitinya umshayeli. Umphakathi utitinye umshayeli maqede washisa imoto yakhe.
Ikhansela lendawo uMnuz Zakhele Hlongwa lithe udaba lokwebiwa kwemfuyo bese luhluphe kakhulu endaweni.
“Ngibizwe umphakathi ekuseni namhlanje (izolo) uthi ubambe owesilisa nezimbuzi ezintshontshiwe, zifakwe kwiTazz. Ngifice lona wesilisa eshayiwe nemoto yakhe ishisiwe. Ngibize amaphoyisa. Udaba lokwebiwa kwemfuyo seluhluphile cishe iminyaka emibili kule ndawo. Imizi eminingi ibivuka sekulahleke izimbuzi noma izinkomo zabo,” kusho uHlongwa.
Ngokuthola kweSolezwe, lona wesilisa ukhombe omunye umuzi wathi usuke ethunywe umqashi wakhe odayisa izimbuzi eMlaza nakwezinye izindawo.
“Sibe sesiye kulowo muzi okhonjwe yilo wesilisa wathi usuke eziyisa khona izimbuzi ezebiwe, besihambisana namaphoyisa. Umnikazi webhizinisi lezimbuzi uveze ukuthi yena wazi izimbuzi ezinhlanu kuphela ekungezona ezakhe. Amaphoyisa abe esebhala isitatimende. Amanye amalungu omphakathi akwazile ukubona izimbuzi abathe ngezabo kulo muzi,” kusho uHlongwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqonile Gwala uthe umsolwa uzovela enkantolo eVulamehlo, ngoLwesihlanu ngecala lokuntshontsha imfuyo. Ukuqinisekisile ukuthi umsolwa ushaywe umphakathi abanye ababili abehamba nabo
babaleka.