Izindaba

Umphakathi ubalisa nge-Etios kuphuma izidumbu eMbumbulu

Nkosikhona Cele|Published

Isililo ngokwanda kwezidumbu eMbumbulu

Image: Sigciniwe

UTHUKA izanya umphakathi wasoDidini, eMbumbulu, njengoba ukubulawa kwabantu nokuqhuma kwezibhamu sekuphenduke insakavukela. Umphakathi ubalisa ngemoto ewuhlobo lwe-Etios okuthiwa iyona eqeda abantu bakule ndawo.

Okudida umphakathi wakule ndawo ukuthi akuqondakali ukuthi bonke laba ababulawayo kungani bebulawa ngalolu hlobo. Kuvela ukuthi ukugobhoza kwegazi akumi, kunalokho kuqhubekela phambili.

NgoMgqibelo, kuvela ukuthi kudutshulwe kwabulawa uMnuz Skhumbuzo Ndlovu.

''Akuqondakali ukuthi uNdlovu ubuleweleni, ubenzeni, kubani?'' kusho ilungu lomphakathi. Izolo emini kudutshulwe kwabulawa uMnuz Mdu Ngcongo. Umufi kuthiwa udutshulwe ehamba ngemoto yakhe esanda kudlula nje eFolweni. Sisadisekile sonke ukuthi kuqhubekani njengoba sekubulewe uNgcongo nje namhlanje. Ayi konakele kule ndawo bayaphela abantu, asisazi ukuthi senze njani uma kunjena,'' kubalisa ilungu lomphakathi elicele ukungavezwa.

Lithe abantu babulawa khona eMbumbulu noma balandelwe bayobulawa kude. "Uyabona nje uNgcongo, kusho ukuthi bakhethe ukuthi bamane bamlandele baze bayombulalela eFolweni.''

Kubulawa laba nje umphakathi ubusamangele ngokudutshulwa kubulawe uMnuz Mhlengi Msweli oyindodana yenduna nayo eyadutshulwa yabulawa. Kuwona lo nyaka, kuvela ukuthi kudutshulwe kwabulawa oMnuz Sphelele Khathi noSihle Sibisi.

"Uma kuqhubeka kanje, impela kuningi okusazokonakala lapha endaweni. Siyacela ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal ungenelele, nakhu abantu bephela,'' kusho elinye ilungu lo mphakathi nalo elingeke livezwe ngoba lisaba.

Lithe kulo mphakathi kudlange kakhulu imoto ewuhlobo lwe-Etios. Lithe uma le moto ike yabonakala izulazula emphakathini, nakanjani ngakusasa lisa nezindaba zalo okanye lishone nazo ezokuthi kukhona oseyohlangana noyisemkhulu.

"Saze sayiphila impilo enzima. Kwaze kwaba lukhuni ukuba umhlali waseMbumbulu uma kunje. Pho siyokhala kubani asizwe?'' lisho kanje leli lungu.

Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi bayaziwa abantu abayizinkabi abaqotha abantu kule ndawo. Kuthiwa futhi bayazicanasela nje, ngoba abakaze bakhalelwe ngamaSongo kaSigonyela ngokwenza kwabo.

''U-(emgagula ngegama) nabangani bakhe sebesiqedile lapha emphakathini,'' kusho ilungu lomphakathi.

Okunye leli phephandaba elikutholile ukuthi bonke abasocongwayo kule ndawo basuke sebazi ngoba izinkabi ziqale zithumele umyalezo kubona, ngaphambi kokuba zibayise kwagoqa nyawo.

''Ibuhlungu kabi le nto eyenzeka lapha eMbumbulu. Bonke laba bantu babulawa sebazi ukuthi bayazobulawa. Awucabange nje isihluku esinje."

Elinye ilungu lomphakathi lithi sebehlezi ngesinqe esisodwa kule ndawo. "Uma kuhamba ugesi abanye baze bancamele ukuthi baphume bayolala emahlathini ngenxa yokwesaba ukuthi kukhona okungase kwenzeke uma kumnyama."

Phambilini, kuke kwaba nemibiko yokuthi ukubulawa kwabantu kumayelana nokwebiwa kwemfuyo okuthe ngokuhamba kwesikhathi umphakathi wabona ukuthi empeleni kakunjalo, abantu bayaqothwa nje kodwa isizathu kasaziwa.

Isolezwe selibike kaningi ngezigameko zokuqothwa kwabantu.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa ayiphumelelanga.