KUYAQHUBEKA ukungqubuzana phakathi kwezikhulu zamatekisi ahamba amabanga amade eDurban Long Distance Taxi Association, eDurban Station, eThekwini, noMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal. Izolo abamatekisi bakhethe ukungasebenzi bekhala ngokuboshwa kwezimoto zabo nguShanela kanye nokungalungi kwezimvume.
Abagibeli baphinde basala dengwane nemithwalo belinde ukuya ezindaweni ezahlukene kodwa lutho amatekisi, abezimele engalayishi.
Iphini likaSihlalo weDurban Long Distance Taxi Association, uMnuz Mcabangeni Nala, likhuluma nabezindaba lithe, isinqumo sokumisa ukusebenza izolo siphume esithangamini ababe naso ngoLwesithathu.
“Sithathe isinqumo sokuthi sime ngoba sasikade sifake isicelo sokuthi asikhishelwe izimoto eziboshiwe, noShanela nawo ume ukubopha ukuze sithole izimvume kodwa lokho akwangenzeka. Into esiphatha kabi ukuthi sekunezimoto zawo amaphoyisa esezithutha abantu. Siyazibuza ukuthi zona zisuke seziyithole kuphi imvume. Okunye okusiphatha kabi wukuthi siyaboshwa thina kodwa kukhona abantu abathatha abantu kodwa izimvume bengenazo bangaboshwa,” kuchaza uNala.
Uthe uMnyango wathi izimvume zikhona ebhodini kodwa uma bethi bayozilanda kuthiwa azikho.
“Uma bekhuluma kubantu bathi izimvume zikhona okuyinto eshayisanayo phakathi komnyango kanye nathi bamakhumbi. Asikakaphumi nesinqumo ukuthi sizoma kuze kube inini. Sizohlala phansi sixoxe nebandla, sibone ukuthi sifikaphi.
“Siyazwelana kakhulu nabagibeli ngoba abantu esiphilisana nabo. Nathi kusiphatha kabi uma sebethululiwe bemiswe emgwaqweni imoto ingafiki. Akukho nathi okusiphatha kabi njengalokho ngoba siyabathatha, bafike endleleni bethululwe phansi bangacatshangelwa nawuyena lo hulumeni thina sibe sibacabangela. Siyaxolisa ukuthi kugcina kuze kufike kulesi simo ukuthi kuhlukumezeke bona kungafanele. Asinachashaza nje nabo,” usho kanje.
Uthe bacela uhulumeni akhiphe izimoto eziboshiwe ngoba ziyakhokha njengoba nabo befuna eyabo imali uma imoto beyibophile. Uthe izimoto zabo zigcine sezikhokha kathathu okuyinto engahlali kahle kumphathi wekhumbi. Uthe uma nje kungase uShanela ume ekubopheni izimoto zabo bephinde bethole izimvume ngeke behluphe muntu bengasebenza inguna phakade.
UMnuz Reginald Jokweni ongumgibeli osuka eClermont, eya eNquthu, uthe kumphatha kabi ukuthi izimoto azihambi.
“Selokhu ngifike ekuseni namanje ngisalindile futhi angazi kuzoze kube into yanini. Ekhaya bangilindile njengoba kunomcimbi engiwuhlelayo kwazise ngiwumuntu othuthukisa amakhono. Uhulumeni kumele axoxisane nezikhulu zamatekisi ngoba ekugcineni thina siba yizinkuni zomlilo siyabaseka, sishe silimale ngenxa yokungqubuzana kwabo,” kusho uJokweni.
Uthe ngeke babagxeke abamatekisi uma benza kanje ngoba banezimfuno zabo, izidingo zabo kanye nendlela ababuka ngayo. Abantu abalimalayo ekugcineni yibona. Eqhuba uthe kunabantu abebebiziwe kunhlolokhono kodwa abakwazi ukuya ndawo.
“Asazi sizoma la isikhathi esingakanani, siyalimala kakhulu njengosomabhizinisi kanye nabantu abasiza umphakathi”.
Khonamanjalo uMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma, uthe emhlanganweni odlule owabakhona nezikhulu zeDurban Long Distance Taxi Association, kwaba nethimba elajutshwa ukuthi licubungule konke okwakudingidwe esithangamini.
“Izinto iDurban Long Distance Taxi Association eyayikhale ngazo ziyacutshungulwa. Kunombiko okhona emnyangweni othi izimoto ezashaqwa yingoba zatholwa zisebenza zingenazo izimvume. Yingakho kuvele ukuthi lolu daba akuselona elomnyango kodwa selungaphansi komnyango wezoMthetho,” kusho uDuma.
UMphathiswa uthe yingakho kubalulekile ukuthi lolu daba lusingathwe wumnyango futhi kubalulekile ukuthi lusingathwe ngobunono kube nezindlela zokuxoxisana njengoba azibophezela ukuthi kube khona ukusebenzisana.