KULAHLEKE imali enguR20 billion KwaZulu-Natal ngenxa yemibhikisho enodlame obekutatshwa kuyo ukudla ezitolo kushiswa nengqalasizinda ngesonto eledlule.
Lokhu kushiwo wuMnyango weHhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa izolo. IBamba likaNgqongqoshe kulo Mnyango, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, lithe umonakalo ube mkhulu kakhulu yize isimo sesibuyele kwesijwayelekile.
“Izibhelu ebezikhona eKZN zizoba nomthelela ongemuhle emisebenzini yabantu, amafemu amaningi alinyaziwe. Lokhu kuzoba nomthelela omubi emnothweni wakuleli. Kusabhekwa ukuthi kube imali engakanani elahlekile.
“Okwamanje umbiko usaveze ukuthi kulinyazwe izinxanxathela zezitolo ezingu-161, ama-warehouse angu-11, amafemu ayisishiyagalombili, yizindawo zotshwala ezingu-161, izitolo ezinkulu okuthathwe impahla kuzo ezingu-200, izinxanxathela zezitolo ezilinyaziwe zashiswa ezingu-100 nezitolo ezingu-300 okuthathwe kuzo impahla.
’E-KZN, ingu-R1.5 billion imali elahleke eThekwini kuphela. Izindawo ezidayisa imithi zingu-90 ezilinyaziwe, ingu-150 000 imisebenzi esengcupheni, 50 000 wabasebenza emgwaqeni abe ngu-40 amabhizinisi akhahlazemekile. InguR20 billion imali elahlekile ebizongena eKZN (GDP),” kusho uNksz Ntshavheni.
Uthe yize kunjalo isimo sibuyele kwesijwayelekile.
“Singasho manje ukuthi isimo sesibuyele kwesijwayelekile, sizama nokuthuthukisa umnotho. Emahoreni angu-24 adlule azikho izigameko zemibhikisho nokuthathwa kwempahla okwenzekile KwaZulu-Natal naseGauteng,” kusho uNksz Ntshavheni.
Uthe uhlelo lokulanda izimpahla ezithathiwe luyaqhubeka futhi luyimpumelelo.
“Siyanxusa ukuba abantu abathintekayo babikwe khona bezoboshwa. Sicela ningaziphindiseleli. Ningathathi nemali engcolile, eno-inki ngoba ayisebenzi,” kusho uNksz Ntshavheni.
Uthe bayavuma ukuthi bebengakulindele konke okwenzekile kodwa ngeke besagxila kulokho, kumele bazame ukubuyisela isimo kwesijwayelekile.
Abasolwa abathintekayo odlameni nasekutatshweni kwempahla bavelile ezinkantolo. Uthe bangu-200 abavele ezinkantolo ezahlukene eGauteng. Ngokusho kwakhe, bathathu abasolwa ababoshelwe ukugqugquzela udlame emphakathini, omunye uzinikele eThekwini. Uzovela enkantolo eGoli kusasa (namhlanje),” kusho uNksz Ntshavheni.
Osomabhizinisi abancane abakhahlamezekile uthe kuzoba nohlelo lokubalekelela ukuba amabhizinisi abo abuyele esimeni esijwayelekile.
Ube esenxusa ukuba kungafafazwa amanga ngemibhikisho ngoba lokho kwethusa abantu.