IHHOVISI likaNgqongqoshe wezeMvelo uNkk Nomvula Mokonyane lithi lo ngqongqoshe akakazophawula okwamanje ngezinsolo abekwa zona kwikhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana eholwa yiJaji uRaymond Zondo.
Izolo owayeyisikhulu saseBosasa, uMnuz Angelo Agrizzi, uveze ukuthi babegwazela uNkk Mokonyane ngoR50 000 njalo ngenyanga baphinde bamthengele inyama, utshwala obuphambili baphinde bamngcwabele nezihlobo.
UMnuz Mlimandlela Ndamase, okhulumela uNkk Mokonyane, uthe ngeke aphawule ungqongqoshe ngezinsolo zeKhomishini kaZondo.
Ukhuluma kanjena nje uNdamase izolo ntambama i-eNCA ibike ukuthi abameli bakhe babhalele iKhomishini kaZondo bekhala ngokungahlonishwa kwamalungelo akhe nokuputshuzwa kwemibiko engakaveli kwikhomishini emaphephandabeni angeSonto.
U-Agrizzi uthe uNkk Mokonyane waze wacela ukuthi kuqashelwe indodakazi yakhe imoto izinyanga ezintathu ngesikhathi ibuya eChina.
“UNkk Mokonyane wayenobudlelwano nesikhulu esiphezulu saseBosasa futhi wayenguMqondisi enamasheya kwiDyambu okwakuyigama leBosasa ngama-2000’s. Kusukela esenguNgqongqoshe wezokuPhepha eGauteng sasimkhokhela imali. Sasithenga nokudla okuzodliwa kuma-rally eSiyanqoba, sifonelwa nasebusuku ukuthi silekelele abalandeli be-ANC,” kusho u-Agrizzi.
Uthe bacelwa ukuthi benze ucwaningo lwezokuphepha ezibhedlela zaseGauteng okwakuzodla uR2 million kodwa umbiko walolu cwaningo wanikezwa uMnuz Reggie Nkabinde onguMgcinimafa we-ANC Youth League ukuze athole ithenda.
Uphinde waveza ukuthi ngesikhathi uNkk Mokonyane enguNgqongqoshe wezaManzi wacela iBosasa ukuthi yenze ucwaningo ngokuphepha kwamadamu olwadla uR1.3 million.
“UNkk Mokonyane kwakufanele akhulume nowayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ukuthi aqinisekise ukuthi asishushiswa ngamacala enkohlakalo. Sasihlala simnika imali njalo ngoba wayenamandla,” kusho u-Agrizzi.
Uthe babegwazela noMnuz Vincent Smith owayenguSihlalo wekomidi lezokuHlunyeleliswa kweziMilo ukuze azibe imibuzo yalabo abafuna ukwazi ngezinkontileka zeBosasa nohulumeni.
Ngaleso sikhathi u-Agrizzi uthe iBosasa yayinenkontileka noMnyango wezoBulungiswa, ukuThuthukiswa koMthethosisekeko nezokuHlunyeleliswa kweziMilo njengoba yayibhekelele ezokuphepha yenza namabhande alawula ukuhamba kweziboshwa.
“Kwathathwa isinqumo ukuthi uSmith, uVincent Magagula noWinnie Ngwenya bazokhokhelwa njalo ngenyanga ukuze banyathele imibuzo ngezinkontileka zeBosasa eyayivela kwabezindaba. USmith wayekhokhelwa uR45 000, uVincent ethola uR30 000 bese uWinnie athole uR20 000,” kusho u-Agrizzi.
UMnuz Zizi Kodwa uthe i-ANC iyaziqhelelanisa nemibiko yokuthi ababegwazelwa eBosasa babesebenzisa leyo mali ukuhlomulisa i-ANC esho nokuthi akuyona i-ANC eyayibathumile kodwa babezenzela lokho siqu sabo.