UNOBHALA Jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule ucele abantu ukuthi banike uNkk Nomvula Mokonyane onguSihlalo woZihlalo ithuba lokuthi enze umsebenzi wakhe ngoba uqokelwe kulesi sikhundla ngenxa yesipiliyoni anaso.
Kuzokhumbuleka ukuthi abantu kade bengafuni ukuthi uNkk Mokonyane nozakwabo “abanogcobho” okubalwa uNksz Bathabile Dlamini babuyele ePhalamende.
Izolo uMagashule umemezele ukuthi uSotswebhu wabo kuzoba wuNksz Pammy Majodina, iPhini lakhe kuzoba wuNkk Doris Dlakude.
USomlomo wePhalamende kube wuNksz Thandi Modise, iPhini lakhe kube wuMnuz Lechesa Tsenoli.
UMnuz Amos Masondo uzoba wuSihlalo woMkhandlu weziFundazwe, iPhini lakhe kube nguNksz Sylvia Lucas obenguNdunankulu waseNorthern Cape.
USolwazi Job Mokgoro uzoba wuNdunankulu waseNorth West.
UMagashule ebuzwa ukuthi ngabe kuzokwenzekani ngoNksz Baleka Mbete obenguSomlomo ePhalamende, uthe uzojutshwa kwenye indawo.
Uthe nalowo obenguSotswebhu uMnuz Jackson Mthembu uzoya kwesinye isikhundla.
FUNDA:
Akathandanga ukuphumela obala ukuthi uzoba wuNgqongqoshe yini, wathi lokhu kuzomenyezelwa wuMengameli Cyril Ramaphosa uma esememezela ikhabhinethi.
Uthe uphiko lwabo olubhekelele ukuziphatha luzoqhubeka nomsebenzi walo kodwa bona sebezenzile izimemezelo.
“Akekho umuntu onesikhundla sakhe kwi-ANC, uma sesikhulumile ukuthi abanye abangene ezikhundleni ezithile akusho ukuthi amanye amaqabane abengawenzi kahle umsebenzi kodwa kusho ukuthi sekujutshwe abanye. UNksz Mbete uzoyiswa kwenye indawo. UNkk Mokonyane uzowenza kahle umsebenzi wakhe, siyakholwa nokuthi uNksz Majodina uzosebenza ngokuzikhandla njengosotswebhu. Phela wayeyilungu le-ANC Youth League. Wonke amaqabane aqokiwe anesipiliyoni kuhulumeni siyakholelwa kuwo,” kusho uMagashule.
UMnuz Cameron Dogmore uzoba wumholi we-ANC ezobe iyiqembu eliphikisayo esiShayamthetho saseWestern Cape.