Izindaba

UMnyango wezeMpilo uchitha isikhangiso esingamanga

Boniswa Mohale|Published

UMNYANGO uchitha lesi sikhangiso esikhohlisa abantu Isithombe: Facebook womnyango

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal, usichithile isikhangiso ebesifakwe ngabathile, esithi unezikhala zokuqeqesha abantu abasha abawu-15 000, abazoba ngamanesi.

UMNYANGO uchitha lesi sikhangiso esikhohlisa abantu Isithombe: Facebook womnyango

Kulesi sikhangiso kuvela ukuthi abaqeqeshwayo bazothola umhlomulo kaR7 000 kuya kuR20 000 ngenyanga.

Kuthiwe abaqeqeshwayo bazokhokhelwa izindleko zokufunda, ezokudla nezokuhlala.

UMnyango wezeMpilo uthi lesi sikhangiso singamampunge, wacela abantu ukuthi bangasinaki.