UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal usubeke umgomo wokumisa ukuqashwa kwabasebenzi bezempilo abavela emazweni angaphandle, ikakhulukazi odokotela njengoba ufuna ukuqasha odokotela baseNingizimu Afrika abaqeqeshwe eCuba.
Incwadi yangoSepthemba 4 esayinwe umphathi oyibamba kuMnyango wezeMpilo uDr. Musa Gumede ibhalwe kanje: “UMnyango usuthathe isinqumo sokumisa ukuqashwa kwabasebenzi bezempilo abavela emazweni angaphandle, ikakhulukazi odokotela.”
Lencwadi iqinisekisiwe yinhlangano ephakela Isolezwe izindaba i-Africa News Agency ukuthi iyiqiniso njengoba izibonele mathupha. Le ncwadi ithunyelwe kubaphathi bezifunda, nabaphathi bezibhedlela, kanye nabaphathi ezindaweni zezempilo emphakathini.
Kulencwadi, uGumede uthi isinqumo sokumisa ukuqashwa kwabasebenzi bezempilo bangaphandle sithathwe ngenxa yesizathu sokuthi uMnyango usunesibalo sabantu abaningi baseNingizimu Afrika abazoqeqeshwa njengodokotela eCuba.
Abanye abafundi abekade bephothula izifundo zobudokotela eCuba kade bekhuza ibuya eNingizimu Afrika ukuzoqedela ukuqeqeshwa ezikhungweni zezempilo, kusho uGumede.
"UMnyango ngeke ukwazi ukuba nezikhala kanye nemali yokuqasha odokotela abasuka eCuba uma singawushintshi umthetho wokuqasha odokotela abavela emazweni angaphandle. UMnyango unesibopho sokuqinisekisa ukuthi odokotela abaqeqeshwe eCuba bayaqashwa emkhakheni wezempilo eNingizimu Afrika," kusho uGumede.
“Ukuhlela kusenesikhathi kubalulekile kakhulu ukuze lolu hlelo lokuqasha odokotela abaqeqeshwe eCuba luzophumelela futhi kumele kubhekwe nezimali ezidingekayo uma kuvuleka izikhala zomsebenzi. Ukumisa ukuqasha odokotela bangaphandle kusazoqhubeka," kusho uGumede.
Esitatimendeni esakhishwa ngonyaka odlule ngenkathi kwamukelwa odokotela abangu-260 abaqeqeshwe eCuba, uMnyango waveza ukuthi bangu-2 885 abafundi abaphothula izifundo zobudokotela eCuba yize beshiyana ngeminyaka yezifundo.
“Sekuphumelele odokotela abangaphezu kuka-590 eCuba ngenxa yalolu hlelo. Abangu-98 abafundi benza unyaka wokugcina ezikhungweni zemfundo eziseNingizimu Afrika,” kubhalwe esitatimendeni.
UwayenguNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDr Sibongiseni Dhlomo wabiza ukuqeqeshwa kwabafundi eCuba njengoshintsho olukhulu oluzothuthukisa abafundi bezempilo eNingizimu Afrika.
“Kuzobe kungokokuqala ukuthi odokotela abasafunda bafakwe ezibhedlela ezahlukene esifundazweni, okuzohluka ngendlela ebekuqeqeshwa ngayo abafundi njengoba kade befakwa kakhulu ezikhungweni zezempilo ezikumasipala waseThekwini naseMsunduzi,” kusho uDhlomo.