Izindaba

Umnyango wezeMpilo eKZN uzobathathela izinyathelo abavimba abokufika

Zimbili Vilakazi|Updated

UMPHATHISWA woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi, onxuse izinhlaka zomthetho ukuthi zibathathele izinyathelo ezinqala abavimba abantu ukuba bangene ezikhungweni zezempilo

Image: Sithunyelwe

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal usunxuse izinhlaka zomthetho ukuthi zibathele izinyathelo abakanisa emasangweni ezikhungo zezempilo esifundazweni, bevimba abokufika abangenamaphepha ukuba bangene ngaphakathi ngenhloso yokuthola usizo lwezempilo. 

Lokhu kushiwo uMphathiswa womnyango, uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi, izolo. 

“Sinxusa izinhlaka zomthetho ukuthi zibathathele izinyathelo ezinqala abavimba abantu ukuba bangene ezikhungweni zethu,” kusho uNkk Simelane-Mngadi.

Uthe bayabagxeka labo abakhetha ukuzithathela umthetho ngezandla, bekhetha izikhungo ezithile, bavimbe abafuna usizo. 

Uthe iNingizimu Afrika yizwe elilawulwa uMthethosisekelo, wathi nanoma yiziphi izikhalo, kufanele zibikwe ngokusebenzisa imigudu efanele. 

Uthe nakuba bekugxeka lokhu kodwa bayakugxeka futhi ukweqa umngcele kwabokufika abangenamaphepha ngenhloso yokuzothola usizo lwezempilo ezikhungweni zezempilo zakuleli.

“Isibalo esiphezulu sabokufika abeza ezikhungweni zethu silokhu siqhubekile nokudala ingcindezi kwezempilo zakuleli ezivele zinenkinga yokuhlinzekwa ngemali engenele,” kusho uNkk Simelane-Mngadi.

Uthe nakuba uzwela umkhizo ejazini emnyangweni ngabokufika abangenamaphepha, bayasichitha isenzo salabo abavimba abagulayo ukuthi bathole usizo. 

“Alikho ilungu lomphakathi elinelungelo noma eligunyazwe ukuthi livimbe abantu ukuba bangene ezikhungweni zezempilo,” usho kanje.

Uthe akugcini nje kuphela ngokuthi lesi senzo singabi semthethweni kodwa sibeka engcupheni ezempilo zomphakathi. 

“Umnyango umatasa nokulawula ukubheduka okusha kwezifo ezifana ne-measles, i-influenza nokubuya kweCovid-19 entsha. Ukuvimba abantu ukuthi bathole usizo lwezempilo kuzoba nomthelela omubi, emizamweni yokuzama ukulawula lezi zifo ezingagcina zibhebhetheka ngokushesha emphakathini,” usho kanje.

Ubalule imithetho eyehlukene, okukhona kuyo uMthethosisekelo, umthetho wezempilo, owababaleki, kanjalo nowabokufika (immigrants), athe yonke iyaphikisana nokwenziwa ilaba abavimba ezikhungweni.

UNkk Simelane-Mngadi usho kanje, kusuka ngesonto eledlule, amalungu enhlangano i-March and March, akanisa ezibhedlela ezifana ne-Addington, eThekwini, avimbe abokufika abangenamaphepha okuba kuleli ukuba bangene ngaphakathi.

Lokhu kwenzeka nasesifundazweni iGauteng.

Umsunguli wale nhlangano, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, wayisungula ekuqaleni kwalo nyaka ngenhloso yokulwa nodaba lwabokufika abathutheleka kuleli bengenamaphepha.

Waveza ukuthi iNingizimu Afrika ibhekene nenkinga yabokufika, abakuleli ngokungemthetho, abancintela abakuleli izidingo ezivele zinganele, waphinde wakhala nangokuthi abanye beza nobugebengu obufana nokuhweba ngezidakamizwa.