BAHLOSE ukuphazamisa uhlelo olumisiwe lokuvulwa kwezikole ngoMsombuluko ozayo abasabalalisa imibiko engelona iqiniso ezinkundleni zokuxhumana, ethi uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal usabalalisa izifonyo “ezingombombayi".
Uchaze kanje uMnuz Muzi Mahlambi okhulumela lo mnyango ngenkathi ephawula ngale mibiko esisabalele, ekhombisa izifonyo ezihlephukile okuthiwa zithunyelwa yilo mnyango ezikoleni.
“UMnyango uthumela ezikoleni izifonyo ezisezingeni eligunyazwe yimithetho elawula iCovid-19, nezisezingeni elidingwa wuMnyango wezeMpilo,” kusho uMahlambi.
Uthe lokhu bakusho ngegunya nangokukungesabi, ukuthi okushiwo ezinkundleni zokuxhumana nokukhishwa kwezithombe zezifonyo ezingekho ezingeni elifanele okuthiwa zithunyelwa wumnyango, akulona iqiniso kodwa yizinhlelo zabathile zokuphazamisa ukufunda ezikoleni.
Esitatimendeni esikhishwe yilo mnyango, uthe uzokwenza uphenyo ngaphambi kokuthi ukhokhele labo osebenzisana nabo ngokubalethela lezi zinsiza, ukwenza isiqiniseko sokuthi akukho okuwugcobho okuthunyelwa ezikoleni okuzodala ukungabaza ngokuphepha kwabafundi nothisha ezikoleni.
Ebuzwa ukuthi yini edala bangenzi isiqiniseko ngezinkampani umnyango osebenzisana nazo ukuthi zisezingeni elifanele, kunokuthi benze uphenyo uma sezifike nempahla ukuthi isezingeni elifanele yini, wenze isibonelo ngokuthi kuyenzeka uthenge izitini ezingu-2000, kodwa uthole ukuthi uma usuzibala seziyashoda ngoba kade ungekho ngenkathi zidilivwa.
Uthe okunye okuzodala benze lolu phenyo, ukwenzela nalabo abazosizakala ngale mibiko ephume ezinkundleni zokuxhumana, babone ukuthi umnyango unohlelo lokwenza isiqiniseko sokuthi yonke into ethunyelwa ezikoleni ephathelene nemithetho yokuphepha yeCovid-19, bayayinakekela ngokuyihlola noma isifikile ezikoleni.
Mayelana nezinye izinsiza zokuzivikela kwiCovid-19 ezalahleka emva kokuntshontsha kade kugqekezwa izikole, uthe basenza uphenyo ngalokho njengomnyango.
“UMnyango usujube inhloko yawo ukuthi iphenye ngezinto ezalahleka kugqekezwa izikole nokudunwa kwalabo abasuke bezilethe ezikoleni. Uphenyo lethu luzolawulwa nawukuthi lezi zinsiza zinomaka wokuthi ezezikole,” usho njalo.
Uthe sebetholile nokuthi bakhona asebethole amathuba okwenza ibhizinisi emphakathini lokudayisa ngale mpahla yesikole okusolwa ukuthi intshontshwe ezikoleni.
Unxuse umphakathi ukuthi ubalekelele ngoba lezi zinto ziphinde zidayiselwe wona.