UMNYANGO weMfundo ePhakeme, iSayensi nobuChwepheshe udonse ngendlebe abazobhalisa emakolishi azimele, ukuthi babheke ukuthi awasiwona yini ombombayi. Wathi kumele babhekisise nokuthi izifundo azihlinzekayo zisemthethweni futhi zigunyaziwe wumnyango.
UNgqongqoshe uDkt Blade Nzimande uxwayise ngalabo galakajane athe kunengcosana esaqhubeka nokuqola abantu ngalolu hlobo.
Labo qhibukhowe bamakolishi ababhalisiwe ohlwini lwezikhungo zemfundo emnyangweni, kwaSector Education and Training Authorities (Setas) nezinye izikhungo ezisemthethweni.
UNzimande unxenxe nabazali ukuthi baqikelele ukuthi izingane zabo azizitholi seziyisulu zalobu bugebengu.
“Lawa makolishi awaka futhi adukise abahlela ukuqhuba imfundo yabo emazingeni aphakeme. Enza sengathi ahlinzeka iziqu ezisemthethweni ezigunyazwe yiSouth African Qualifications Authority (SAQA),” kusho uNzimande.
Uthe basebenza kanzima ngokubambisana nezinhlaka zezomthetho ukuvala amakolishi awombombayi. Nakuba ulwa nalobu bugebengu umnyango kodwa bayaqhubeka abantu ukubhalisa kuzona ekugcineni banikwe iziqu eziwombombayi.
Weluleke abayobhalisa emakolishi azimele ukuthi baqale bahlole ukuthi abhaliswe ngokusemthethweni emnyangweni wakhe ngokuthi bashayele inombolo yocingo yamahhala ethi: 0800 872 222.
Olunye ulwazi lungatholakala ngokuthi abantu bangene kwi-website yomnyango ethi: www.dhet.gov.za/resources/registers ngaphansi kwekhasi elithi: “Register of Private Colleges”, lapho kunohlu lwamakolisi asemthethweni nezifundo agunyazwe wumnyango ukuba azifundise.
UNzimande ugcizelele ukuthi kumele ababhalisayo emakolishi azimele bafune ubufakazi obuphathekayo, bokuthi isikhungo nezifundo esizihlinzekayo kusemthethweni.