UMNYANGO wezeMfundo ePhakeme nokuQeqeshwa ufake uR967 million kwi-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS).
Imali izokhokhela amanyuvesi izikweletu zezitshudeni eziwu-52 514 ebezixhaswe yiNSFAS ezisaqhubeka nezifundo zazo.
UNgqogqoshe wezeMfundo ePhakeme nokuQeqeshwa, uNkk Naledi Pandor, uthe:
“Imali izosiza ukusula ezinye izikweletu zezitshudeni kumanyuvesi. Ukunikezela ngale mali kuqinisekisa ukuthi uhulumeni uyazwelana nabafundi abasuka emakhaya aswele,” kusho uNkk Pandor
Imali ifakelwe ukusiza labo abebexhaswe yiNSFAS ngaphambi kuka-2018 obekulindeleke ukuthi bazikhokhele ezinye izindleko zabo kodwa bangakwazi base beba nezikweletu.
UNkk Pandor uthe lesi yisigaba sokuqala sokubheka izikweletu zezitshudeni emanyuvesi.
Uthe uhlelo lokukhokhwa kwezikweletu lwaqalwa wumnyango uhlanganyele noMnyango wezeMali nowokuHlela, ukuQapha nokuHlola kanti luyaqhubeka.
“Kulesi sigaba sokuqala sithole ukuthi izitshudeni eziwu-52 514 ezazibhalisele ukufunda ngo-2018 ezazixhaswe yiNSFAS zikweleta amanyuvesi uR967 million,” kusho uNkk Pandor.
Izitshudeni ebezixhasiwe ziphuma emindenini enabazali abahola ngaphansi kukaR122 000 ngonyaka futhi ziziphothulile iziqu zazo singakadluli isikhathi.
UNkk Pandor uthe bayazi ukuthi kunezitshudeni ezingene emanyuvesi ngaphambi koxhaso olusha lweNSFAS luka-2018 ezizoqhubeka nokuxhaswa ngendlela entsha iPre-2018 Funding Model.
Kulindeleke ukuthi zonke izitshudeni ezixhaswe ngendlela yakudala yeNSFAS zibe seziphumile ohlelweni layo ngo-2022.
UNkk Pandor ucele abathintekayo nosomabhizinisi abazimele ukuthi basebenzisane nohulumeni namanyuvesi ukuxhasa izitshudeni eziphuma emakhaya aswele.
Uthe umnyango wezeMfundo ePhakeme uzoqhubeka nokuxhasa izitshudeni ngokufanele.