INHLANGANO eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), inikezwe umnqamulajuqu ngodaba oluthinta icala elifakwe yi-ActionSA.
INkantolo yezoKhetho inikeze i-IEC umnqamulajuqu wakusasa ukuba ifake amaphepha aphikisa isicelo se-ActionSA.
I-ActionSA yanikela kule nkantolo ngesonto eledlule emva kokuthola ukuthi igama layo aliveli emaphepheni okuvota.
Kulesi sicelo i-ActionSA ifuna ukuba le nkantolo ichithe isinqumo se-IEC.
Emaphepheni okuvota kuvela kuphela uphawu lwe-ActionSA kanti akukho lutho esikhaleni lapho okufanele engabe kufakwe khona igama elifingqiwe lale nhlangano.
Yize i-ActionSA ibifuna lolu daba lulalelwe ngoLwesihlanu lwangesonto eledlule, kepha iNkantolo yezoKhetho ithathe isinqumo sokunikeza i-IEC ithuba lokuthi ifake amaphepha aphikisa isicelo se-ActionSA.
Le nkantolo iphinde yanikeza i-ActionSA umnqamulajuqu wangoLwesihlanu ukuba ifake amaphepha azokube ephendula okuqukethwe emaphepheni e-IEC.
Inkantolo iveze ukuthi abekho abantu abazobizwa ukuba bazokwethula ubufakazi kuleli cala, kuzocubungulwa kuphela okuqukethwe emaphepheni afakwe kuyona.
USihlalo we-ActionSA, uMnuz Michael Beaumont, uthe nakuba beyihlonipha imiyalelo yenkantolo kodwa bakhathazekile ngokuthi le nkantolo ayikhombisi ukuluthathela phezulu lolu daba.
Uthe le nkantolo bekungafanele izinhlaka ezithintekayo kulolu daba izinikeze isikhathi eside kangaka ukuba zifake amaphepha.
“Lolu daba luyaphuthuma ngendlela eyisimanga. Lesi sikhathi esinikezwe izinhlaka ezithintekayo ukuba zifake amaphepha asikhombisi ukuthi inkantolo iluthathela phezulu udaba.”
I-ActionSA inokwesabela ukuthi ingase ilahlekelwe yinqwaba yamavoti uma igama layo lingagcina lingafakwanga emaphepheni okuvota njengoba ithi abantu bazokuthola kunzima ukuthola le nhlangano emaphepheni okuvota.