KHETHA SANGWENI
UZONGCWATSHWA ngokohlelo lombuso umsunguli weNational Freedom Party (NFP), uNkk Zanele kaMagwaza-Msibi oshone ngasekuqaleni kwesonto exinwe yisifo senhliziyo esesibhedlela eThekwini. UNobhala-Jikelele we-NFP,uMnuz Canaan Mdletshe okhulumela umndeni, uqinisekise ukuthi bathole umbiko ovela kuhulumeni othi umholi wabo uzohlonishwa ngohlelo lombuso njengoba umndeni kade ucelile.
UMdletshe uthe kuyabajabulisa ukuthi uhulumeni avume ukuhlonipha umholi wabo ngoba amagalelo akhe ayaziwa futhi bazizwa bethobekile beyiqembu nomndeni kamufi wonke. UNkk kaMagwaza- Msibi uzongcwatshwa oLundi ngoMgqibelo kanti inkonzo yomngcwabo iqala ngehora leshumi ekuseni. Kulindeleke izimaziswe abantu abavela emikhakheni ehlukene.
UNkk kaMagwaza-Msibi wahlaselwa yisifo sohlangothi ngo-2015 esemzini wakhe eNewcastle emuva kwalokho akaphindanga waphila kahle waze washiya nasePhalamende.