UMNDENI wobengumkhulumeli we-ANC KwaZulu-Natal futhi owayeyiMeya yaKwaDukuza, uMnuz Ricardo Mthembu, aweneme nge-video esisabalele ezinkundleni zokuxhumana okuthiwa yaqoshwa emcimbini wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa ayehlelelwe wona engazi.
Umndeni uthe kungamampunge ukuthi wayehambele lo mcimbi ngesikhathi ehaqwa yigciwane leCovid-19, okuyilo eligcine lithathe impilo yakhe ngoLwesithathu.
Lo mholi owake waba ngusihlalo wale nhlangano esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza amahlandla amathathu ushonele esibhedlela saseBallito lapho abemukelwe khona ngesonto eledlule.
Esitatimendeni esithunyelelwe imithombo yezindaba egameni leRicardo Charity Foundation, umndeni uthe kufanele kuqashelwe ukuthi uMthembu akaveli nangakhalo kule-video kodwa lamahlebezi akaphezi.
"Sifisa ukukucacisa ukuthi i-video okukhulunywa ngayo yaqoshwa endaweni yezicukuthwane eMoses Mabhida Stadium emuva komdlalo weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngoNovemba nyakenye. Ngaleso sikhathi yayingakabikhona imithetho emayelana neCovid-19 okuchazayo ukuthi kungani kungekho noyedwa umuntu ogqoke isifonyo noqhelelene nomunye," kusho isitatimende.
Siqhuba sithe lamahlebezi awuphethe kabi umndeni wakwaMthembu ngoba ayawuphazamisa.
"Umndeni ucela ukuba umphakathi ahloniphe isikhathi sawo sokuzila. Lamahlebezi angamanga ahlikihla isilonda somndeni osaqaqanjelwa yizinhlungu ezingabekezeleki. Aphazamisa izinhlelo zokufihla ngesizotha uMvelase (okuyithakazelo sakwaMthembu) ngaphansi kwalesi simo esiqhubekayo njengamanje."
UMthembu uzofihlwa namhlanje emuva kwenkonzo yomngcwabo ezokuba seKwaDukuza Town Hall ngo-9 ekuseni.
"Ngenxa yemithetho emayelana neCovid-19, ngamalungu omndeni nabaholi abathize be-ANC abazothamela. Kunemizamo eyenziwe yokuba kusakazwe konke okuzobe kwenzeka ezinkundleni zokuxhumana zika-ANC KZN," kuphetha isitatimende.