Izindaba

Umndeni usuyekela kuhulumeni ukuthi ungcwabe indodana yawo

sabelo mbatha|Published

Phezu kwalokhu, umndeni kamufi, uMbuso Mkhize (42), ususekubhaceni ngenxa yokusongelwa ngokubulawa yizinkabi. Lo mndeni usunqume ukuthi ungalifihli ithambo lawo ngakho ukwesaba ukubulawa. 

Image: sigciniwe

UTHI usuyekela kuhulumeni ukuba ungcwabe ilungu lawo umndeni wowesilisa waKwaDabeka okusolwa ukuthi wadutshulwa wabulawa ngoba engufakazi woMbuso ecaleni lokubulala.

Phezu kwalokhu, umndeni kamufi, uMbuso Mkhize (42), ususekubhaceni ngenxa yokusongelwa ngokubulawa yizinkabi. Lo mndeni usunqume ukuthi ungalifihli ithambo lawo ngakho ukwesaba ukubulawa. 

Umfowabo kaMbuso omncane, uNhlanhla Mbatha, utshele Isolezwe Ngempelasonto ukuthi batshelwa amaphoyisa ukuthi isidumbu sikamnewabo asithola emathuneni aKwaDabeka mhla ka- 8 Mashi kulo nyaka sinenxeba lokudutshulwa ekhanda. 

Kuyimanje sisaduve emakhazeni kahulumeni ePinetown. Uthe umfowabo wanyamalala mhla ka-7 Mashi ekwamngani wakhe khona KwaDabeka. Ngokusho kwakhe, umfowabo wabulawelwa ukuthi wayengufakazi ecaleni lokubulawa kukamakhelwane kamsolwa. "Ngesikhathi ubhuti (uMbuso) esejele eboshiwe kwafika umuntu amaziyo naye owayeboshiwe okuthe uma embuza ukuthi ubekwa yini ejele wamtshela ukuthi uboshelwe ukubulala umakhelwane wakhe. Wachaza konke kuyena nokuthi leli cala walenza nobani," kusho uNhlanhla.

Uthe esephuma ejele umfowabo waya emaphoyiseni wenza nesitatimendeni nokuthi uzoba ufakazi. UNhlanhla uthe ngoMashi 7  icala lizongena ngakusasa, umfowabo wathunjwa abafana ababili abaqale bafika kubo bemfuna kodwa bangamthola watholakala ngakusasa esebulewe. 

Uthe ngoMashi 10 babika emaphoyiseni ngokunyamalala kukamfowabo kwathi emva kwezinsuku ezimbili wabona enkundleni yokuxhumana uFacebook kufakwe isithombe sakhe eseshonile kuthiwa omaziyo akaxhumane nephoyisa lasesiteshini KwaDabeka. 

Uqhube wathi esekubonile lokho wahamba nogogo wakhe oneminyaka engu-65 beyokhomba isidumbu kwathi uma befika emakhazeni bephethe ikhophi kamazisi kamufi batshelwa ukuthi ngeke usetshenziswe kufuneka wona uqobo okuyinto ayengenayo.

UNhlanhla uthe amaphoyisa athi azothatha izithupha zikamufi ukumhlonza nakho okwagcina kungaphumelelanga ngoba kwathiwa azisacacile kwazise isidumbu sakhe bese sihlale isikhathi eside emakhazeni. 

Uqhube wathi ngoLwesithathu, kuleli sonto, kufike ekhaya lakhe iphoyisa liyothatha amathe kagogo wakhe ukuze kwenziwe ulibofuzo. "Akuphelanga isikhathi esingakanani iphoyisa lihambile kwangena kimina ucingo luvela kowesilisa obezwakala ekhulile futhi enesizotha ozibize ngenkabi ethengiwe ukuba isibulale nomndeni wami ngoba sisaqhubeka nendaba yecala umfowethu abengufakazi kulo," kusho uNhlanhla. 

Uthe obemshayele uzisholo yena ukuthi uyinkabi futhi usekhokhelwe ukuba aqede ngomndeni wakhe. "Uthe ukuze angasibulali asimkhokhele imali angasidalulanga isamba kodwa wathi ilingana nasekhokhelwe yona ukuba asibulale. Okuxakayo wukuthi lo muntu wazi konke ngami nezindawo engike ngaya kuzo okukhomba ukuthi uyangilandela," kusho uNhlanhla. 

Uthe emva kokuthola lolu cingo banqume ukubaleka baye ekubhaceni. "Ngifuna kwaziwe, kwazi nalabo abafuna ukusibulala ukuthi sesikuyekile nokufuna isidumbu sikamfowethu, sesiyekela kuhulumeni ukuba umngcwabe ukuvikela impilo yethu." Uthe okumkhathaza kakhulu wukuthi abahlangene nezinto ebezenziwa wumfowabo ngisho nokuthi ubesengufakazi ecaleni lokubulala abahlangene nakho futhi abazi nokuthi ubezofakaza athini.

 "Sinqume ukuthi sivele siyeke ukufuna isidumbu sikamfowethu, useyongcwatshwa wuhulumeni. Sengizovikela umkhulu nogogo ngoba ngeke abantu abadala bafele izinkinga zezingane abangahlangene nazo," kusho uNhlanhla oveze ukuthi uMbuso wumfowabo abesesele naye bakhuliswa wugogo nomkhulu (69) ababathatha njengonina noyise. 

Uthe njengoba icala umfowabo abengufakazi kulo libuyela enkantolo ngoJulayi, abazi noma bazobe besaphila yini ngoba kuyacaca ukuthi izinkabi zifuna ukuqeda ngofakazi nabantu abasondelene nabo. "Kungcono bazi ukuthi ufakazi kuleli cala akasekho futhi uzongcwatshwa wuhulumeni ukuze nathi sikhululeke nakuba kubuhlungu ukuthi ngeke sikwazi ukungcwaba umfowethu," kubalisa yena. UNhlanhla uthe abawabikelanga amaphoyisa ngokusongelwa ngokubulawa ngoba abasawathembi kwazise njalo uma beke baxhumana nawo balandelwa yizinkabi.