UMNDENI womculi wegqom' uBabes Wodumo aweneme ngendlela udaba lokuhlukunyezwa kwendodakazi yawo olusingathwe ngayo wumsakazi weMetro FM, uMasechaba Ndlovu.
"Ngeke singaphawuli ukuthi indlela lolu daba olusingathwe ngayo emsakazweni iMetro FM isishiye nemibuzo engaphenduleki njengoba kuye kwacaca ukuthi indodakazi yethu ivinjezelwe ekhoneni ngumsakazi ingalindele. Siyethemba ukuthi izimpendulo ngalesi senzo ziyoqhamuka kwabafanele," kusho uyise kaBabes, uMbhishobhi Welcome Simelane.
ZIZWELE: UMampintsha ukhwele wadilika kumsakazi weMetro FM
NgoLwesihlanu uMasechaba unekele izwe ukuthi unomngani owathatha uBabes ngemuva kokuxhifwa wuMampintsha ebusweni ngesibhakela waphuma igazi ngamakhala. Uthe futhi wamshaya waze waphuka emlenzeni.
Ngaphambi kokuveza lezi zindaba ezashaqisa abaningi, uMasechaba uzwakala ethi ubeshilo ukuthi ngeke akwenze lokhu ngaphambi kokugeqa amagula. Uze atshele uBabes futhi akadingi nokuthi aphendule.
Kusukela kwenzeke lokhu abantu bahlukene phakathi abanye beseka uBabes abanye bekhala ngendlela uMasechaba aluveze ngayo udaba.
USimelane uthe ushaqeke kakhulu ngokuzwa ukuthi uMampintsha ubehlukumeza indodakazi yakhe.
"Sifisa izwe lazi ukuthi siwumndeni asihambisani nazo zonke izinhlobo zokuhlunyezwa kwabesifazane nokuthi besingenalwazi nobudlelwano bezothando abebenabo ngaphandle komsebenzi obubahlanganisile," kusho uSimelane.
Uthe akusiyo inqubo yabo ukuthi bazigaxe ezindabeni zangasese zezingane nasemsebenzini eziwenzayo kodwa lolu daba lubaphoqile ukuthi bakhulume "sizwakalise ukuthuka kwethu kwazise izimo zokubulawa kwabesifazane bebulawa ngabebethanda nabo zixhaphakile."
Bathe bayabonga kuMampintsha ngokuvundulula uBabes futhi ambeke ezingeni akulo namuhla futhi banethemba lokuthi uzokwamukela ukukhula kwakhe njengoba esenkampani ethi yena iWena Wodumo Entertainment.
Babonge abeseke indodakazi yabo.
Part 2: ‘UBabes uyongivikela nini emhlabeni?’ #BabesWodumo #Mampintsha #Masechaba
Video: @FaneleBengu pic.twitter.com/bj0he4QanH
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) May 20, 2018
Ngesikhathi ekhuluma emsakazweni uBabes wathi akasathandani noMampintsha ayesethembisene umshado naye. UMampintsha yena uthe ubengaze amtshele uBabes ukuthi abasathandani.