USELULEKO Mdluli (3) wasoGengele, eMtubatuba, ogcine ukubonakala edlala egcekeni kubo ngoMgqibelo ntambama Isithombe: Sithunyelwe
ABUSEHLI ubuthongo kunina wezingane ezimbili ezinyamalale besemcimbini kamakhelwane ngempelasonto.
UNksz Nokwanda Sithole (25) uthe ngoMgqibelo, ubehambele umcimbi wakamakhelwane nodadewabo, bashiya izingane, uSeluleko Mdluli (3) noSimikahle Syaya (2), zigadwe wugogo ozigcine zidlala emnyango.
UNksz Sithole uthe ugogo ubelele ekameleni ngenkathi uSimikahle noSeluleko ebagcine bedlala.Uthe izingane zivamile ukudlala zodwa futhi ziyakwazi ukuvala umnyango ngakho ugogo akazange akhathazeke ukuthi kungase kwenzeke okubi.
“Sithe uma sibuya emcimbini ngabo 2 ntambama, ugogo wasibuza ukuthi kungani siqhamuka sodwa, ziphi izingane? Wathi ubezitshela ukuthi zisilandelile.
“Sizibheke igceke lonke, kwathi uma kuhamba isikhathi zingatholakali sacela nomakhelwane ukuthi basibhekise,” kusho uNksz Sithole.
Uthe kwenzeka konke lokhu, ezinye izingane abadlala nazo bezisesontweni. Ube esehamba ngawo uMgqibelo ntambama, eyobika ngokulahleka kwezingane esiteshini samaphoyisa KwaMsane.
“Ngilokhu nginethemba lokuthi bazoqhamuka kodwa sekusa ngokunye uma ngibona kuphela izinsuku kungekho mkhondo oqhamukayo.
“Siwumndeni sizwa ubuhlungu oobunzima ngoba kasazi noma sizobathola yini nokuthi bazobe besesimeni esinjani uma kwenzeka sibathola,” kuchaza uNksz Sithole.
Uthe uyafisa ukuthi konke lokhu okwenzekayo engabe kuyiphupho.
“Angikaze ngilale selokhu kwenzeka lesi sigameko. Ngiyazama ukuziqinisa kodwa ngiyabona ukuthi sekungaphezulu kwamandla kanti nokuhamba kwesikhathi yikhona okuzokwenza ngilahle ithemba,” kusho yena.
Uthe okumphatha kabi kakhulu wukuthi isigameko senzeka nje, uSeluleko uzalwa ngudadewabo osashona ngakho nguyena umuntu obemgadile obengumzali kuyena.
“Ngethukile kakhulu kanti akekho umuntu engingathi ngiyamsola ngoba sizwana nabo bonke omakhelwane futhi kuyaqala ukuthi kulahleke ingane endaweni yethu,” kuchaza yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe bayakuqinisekisa ukuthi kuvulwe idokodo ngokuduka kwabantu esiteshini samaphoyisa KwaMsane, labe selidluliselwa ophikweni oluphenya amacala odlame lomndeni, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi KwaMsane, ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Uthe kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi izingane zikuphi, ukuba athinte amaphoyisa ku-035 551 9025 noma athinte noma athinte iCrime Stop ku: 08600 10111