Usomahlaya uSibusiso 'Ankel' Shangase udlule emhlabeni ngoLwesithathu ngemuva kokugula isikhathi eside. Isithombe: SIBONELO NGCOBO Usomahlaya uSibusiso 'Ankel' Shangase udlule emhlabeni ngoLwesithathu ngemuva kokugula isikhathi eside. Isithombe: SIBONELO NGCOBO
Lokhu kuvezwe udadewabo ka-Ankel, uBusisiwe Shangase.
U-Ankel ogama lakhe langempela uSibusiso Shangase (30), ozalelwe eNtuzuma kodwa wakhulela KwaMakhutha, ushonele esibhedlela esizimele, eHillcrest nala angeniswe khona ngemuva kokuxineka ngesonto eledlule.
UBusisiwe uthe, umfowabo ubesegula kakhulu njengoba ngisho odokotela bese bemnika amaphilisi iningi lawo ebelingasamsizi.
"Bona bathola kudala ukuthi uneTB, kodwa odokotela bebecabanga ukuthi eyofuba, nokuthe emasontweni adlule bathola ukuthi iTB yesisu. Ubesebambekile nje impela njengoba amaphilisi ebesewashintsha njalo uma eke waya esibhedlela ngenxa yokuthi amanye abengamsizi, amanye amgulise kakhulu," kuchaza yena.
Uthe kuke kwaba nesikhathi la losomahlaya ewayeke khona amaphilisi ngenxa yokungasizakali.
"Sibuhlungu kakhulu njengoba ubengumuntu obewuthanda umndeni wakhe futhi ezama ukuthi siphile impilo ekahle la ekhaya. Ukuqala kwakhe amahlaya nje yingoba ubefuna ukusibona siphila kahle emndenini nokugcine ngokuthi abambe nasekubeni umphathi wezinhlelo emicimbini ehlukene. Umndeni ufe olwembiza ngempela ngalesi sehlakalo," kuchaza uBusisiwe.
Ubonge bonke abantu bakueli abalokhu bethumele imiyalezo yenduduzo emndenini.